UNandipha usagqunywe esitokisini

Lubhalwe i-GroundUp

Ubaba kaNandipha Magudumana uZolile Sekeleni unikezwe ibheyili ka-R10 000 iNkantolo yeMantshi yase-Bloemfontein ngoMsombuluko kodwa uMadugumana, uSenohe Matsoara noTeboho Lipholo basagqunywe esitokisini.

Bazohlala ejele kuze kube mhla zintathu namhla zizine kuNhlaba lapho okuzolalelwa khona izicelo zabo zebheyili.

UMatsoara ubeyisikhulu sezokuphepha sakwa-G4S ejele lase-Mangaung kanti uLipholo ubeyisisebenzi se-Integrity okuyinkampani yamakhamera eJele lase-Mangaung.

Bobabili babesemsebenzini ngosuku okwaqubuka ngalo umlilo.

Ukuqulwa kwecala kubambezeleke isikhashana ngenxa yokucishwa kukagesi.

Umshushisi uSello Matlhoko utshele inkantolo ukuthi umbuso awuphikisani nebheyili kaSekeleni kodwa uphikisana neyabanye abasolwa abathathu.

Babhekene namacala amaningi okubalwa kuwo elokubulala kanye nelokusiza uThabo Bester ukuthi eqe ejele.

Ummeli kaSekeleni, uThemba Diba utshele inkantolo ukuthi bobabili bayavumelana ngebheyili kaSekeleni. Icala lakhe lizoqulwa ngomhlaka-16 kuNhlaba lapho azovela khona noBester.

UMadugumana ubegqoke ijezi kanye nesifonyo ukuze avale ubuso bakhe enkantolo ebigadwe kakhulu. Imantshi imcele ukuthi akhiphe isifonyo aveze ubuso bakhe ukuze abonakale.

Ngemuva kokuthi uDiba ehluleke ukuncenga imantshi ukuthi ingakwenzi lokho uMadugumana uye wakhipha isifonyo waphinde wasibuyisela.

Okwamanje uLipholo akanaye ummeli kodwa uzomelwa abemmeli be-Legal Aid.

Esithombeni esingenhla: UZolile Sekeleni eduduza uNandipha Madugumana eNkantolo yeMantshi yase-Bloemfontein ngoMsombuluko

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva