Lubhalwe nguRorisang Modiba
UNandi Nyembe uthi udinga i-heater nezinye izinto eziyisisekelo, kodwa akakayiboni imali ayethenjiswe yona.
I-Gauteng Film Commission ithi iyabuyekeza ukukhokhelwa, kanti uNgqongqoshe onikeze u-R20 000 akaphindanga wathintana naye.
Umakadebona womlingisi uNandi Nyembe uthi namanje akakatholi ngisho isenti emcimbini wokuqongelela imali obuwenzele yena ezinyangeni ezingaphezu kwezimbili ezedlule.
Lo mcimbi, owangomhlaka-28 kuMbasa e-Disoufeng eSoweto, bewuhloselwe ukuqongelela imali ezomsiza ngemuva kokuxoxa ngezinkinga zakhe zezimali kuvidiyo.
UNandi odume ngokulingisa kwi-Zone 14, iYizo Yizo ne-Adulting, uveze ukuthi usebenzise yonke imali ayeyibekile u-R88 000 ezindlekweni zokwelashwa kwendodana yakhe.
Ngemuva kokuthi ividiyo yakhe ishaqise abantu abaningi baseNingizimu Afrika, uNgqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko uGayton McKenzie wamnika u-R20 000 wamthembisa ukuthi uzomvakashela eSoweto. Kodwa uthi akakaze amvakashele noma amthinte futhi.
Uphinde watshela iSunday World ukuthi akakayitholi imali kulo mcimbi futhi usadonsa kanzima. “Kusebusika ngidinga i-heater nezinto eziyisisekelo engingabhekana nazo,” kusho yena.
UNandi usanda kuthola ukuthi i-Gauteng Film Commission idinga ukugunyaza ukukhishwa kwale mali. Kodwa kuze kube manje, akukho osekwenzekile, futhi alukho usuku olubekiwe ukuthi uzoyithola nini.
Ikhomishini ithi iyalubuyekeza lolu daba ukuqinisekisa ukuthi imali iya kuyena ngqo.
Kodwa ukubambezeleka kushiye abantu abaningi bethukuthele futhi bedangele.
Osesithombeni esingenhla: UNandi Nyembe.
Umthombo wesithombe: Ifayela