UNaledi Aphiwe usola umrepha uFifi Cooper ngokweba umakhalekhukhwini wakhe

Lubhalwe nguRorisang Modiba

UNaledi Aphiwe uthi kukhona ontshontshe umakhalekhukhwini wakhe (Iphone) emcimbini futhi uqagula uFifi Cooper.

UFifi Cooper uyaziphika lezi zinsolo futhi uthi uNaledi akanabo ubufakazi ufuna nje ukunakwa.

Umculi wama-Piano uNaledi Aphiwe usole umrepha uFifi Cooper ngokweba umakhalekhukhwini wakhe kodwa uFifi uthi konke kungamanga futhi kuwukufuna ukunakwa.

UNaledi ufake ividiyo ethi i-iPhone 16 yakhe ilahlekile emcimbini wakamuva. Akazange asho muntu ekuqaleni kodwa amazwi akhe enze abantu bakholelwa ukuthi usho uFifi Cooper.

Uchaze ukuthi ubesendlini yangasese egeza izandla akazi noma ucingo lwakhe ulibeke kusinki noma ephaketheni. Kungene usaziwayo wesifazane, wancoma waphuma endlini yangasese esehlehla nyova.

UNaledi uthe umngani wakhe ubone lo saziwayo ephuma emcimbini. Kamuva babheka umakhalekhukhwini baqale baya esitolo esiseduze sakwa-Dis-Chem, base beya endlini ese-Alexandra.

Uthe bake bacabanga ukuya emaphoyiseni, kodwa uhlelo lwaba nzima, bagcina bedikibele. Kuvidiyo yakhe udlale ngamazwi athi, “Halala, manje usunomakhalekhukhwini ongazange uwusebenzele.”

UFifi Cooper akazange athathe isikhathi eside ukuphendula. Kwividiyo yakhe, uziphika lezi zinsolo.

“Lawa ngamanga,” kusho uFifi. “Umncane kakhulu ukuthi ungenza lokhu. Sengineminyaka engu-18 ngikulo mkhakha. Awukwazi ukuvele usho izindaba ezingamanga ngaphandle kobufakazi.”

Uphinde wathi baningi abantu abasebenzise indlu yangasese ngalolo suku, futhi uhlale kulo mcimbi waze waphela.

“Uma ngintshontshe umakhalekhukhwini wakho, kungani kungashongo muntu ngaleso sikhathi?” ebuza.

UFifi uqhube wathi uNaledi ubesebenzisa igama lakhe ukuze athole ukunakwa. “Uyazi ukuthi ukusebenzisa igama lami kuzokwenza abantu bakhulume,” kusho yena.

Osesithombeni esingenhla: uNaledi Aphiwe.

Umthombo wesithombe: @naledi_aphiwe_

Izihloko zakamuva