Menzi Magubane
Eneminyaka engama-33 nje kuphela, uJulian Nagelsmann omncane ngeminyaka emibili kunokaputeni wekilabhu, kodwa useqokelwe ukuqeqesha iBayern Munich elinye lamaqembu amakhulu emhlabeni.
Njengomqeqeshi omkhulu uzobe ebeka imiyalelo kwabanye ababadlali abahamba phambili emhlabeni, njengokaputeni weqembu lesizwe uManuel Neuer, uThomas Muller kanye noRobert Lewandowski.
UNagelsmann uzojoyina iqembu mhla zi-1 kuNhlangulana esuka kuRB Leipzig, futhi uzohola izigidi ezingama-R435. Uzophinde abe ngumqeqeshi omncane kunabo bonke owake waqeqesha i-Bundesliga ebusayo nompetha besizini edlule eYurophu. Inkontileka yakhe yeminyaka emihlanu nayo iyirekhodi leBayern.
Ungene endaweni kaHansi Flick, okulindeleke ukuthi ahole iqembu lesizwe kwi-UEFA European Championship ezayo.
Umengameli weBayern uHerbert Hainer uthe: “UJulian Nagelsmann umele isizukulwane esisha sabaqeqeshi. Yize esemncane, siyaqiniseka ukuthi ngoJulian Nagelsmann sizoqhubeka ukwakha phezu kwempumelelo enkulu yale minyaka embalwa edlule.”
Okwenziwe nguNagelsmann muva nje, kumenza afaneleke ukuthatha isikhundla sikaFlick. Ngesizini edlule uthathe iRB Leipzig engaziwa wayifaka kuma-semi final e-UEFA Champions League, nokumenza umqeqeshi omncane kunabo bonke owake wenza lokhu.
Ebizwa ngegama elithi ‘Baby Mourinho’, uNagelsmann ubesohlwini lesikhundla somqeqeshi esasingenamuntu kuTottenham Hotspur.
Khonamanjalo e-Spain, iReal Madrid ibanjwe ngo 1-1 yiChelsea emlenzeni wokuqala we-semi final ye-UEFA Champions League ngoLwesibili ebusuku. Umlenze wokubuya uhlelelwe e-Stamford Bridge ngoLwesithathu oluzayo.
Umthombo wesithombe: @brfootball