UNabi uthi iChiefs izakahle ngemuva kokudlala ngokulingana neSundowns

Lubhalwe nguDylan Bettencourt

IChiefs isesicongweni seBetway Premiership ngamaphuzu angu-10 emidlalweni emine, yonke ingakahlulwa futhi ingangenelwanga ngisho nelilodwa igoli.

UNabi uncome ukudlala kweqembu lakhe ngesiwombe sesibili, wathi izinguquko zibanikeze amathuba okunqoba kodwa abakwazanga ukuwasebenzisa.

IKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns badlale ngokulingana e-FNB Stadium ngoLwesithathu ebusuku, okushiye umqeqeshi uNasreddine Nabi eziqhenya kodwa futhi ekhungathekile kancane.

UNabi utshele iSuperSport TV ukuthi ezakhe bezingawathatha womathathu amaphuzu. 

“Kunokukhungatheka ngoba besikholelwa ukuthi singawathola womathathu amaphuzu. Kodwa besineqembu elihle phambi kwethu. Kuyiqiniso ukuthi asikahlulwa. Namuhla mhlawumbe besingathola amanye, kodwa nakanjani sisendleleni okuyiyona.”

Ukudlala ngokulingana kusho ukuthi iChiefs ayikakahlulwa ngemuva kwemidlalo emine kule sizini. Inamaphuzu angu-10 futhi ibambene neSekhukhune United esicongweni seBetway Premiership.

UNabi uthe ujabule kakhulu ngokusebenza kweqembu lakhe ngesiwombe sesibili ngemuva kokwenza izinguquko. 

“Ngesiwombe sokuqala sizabalaze kancane … ngesiwombe sesibili sicindezele kakhulu sahlala phambili. Sithole amathuba kodwa asikwazanga ukuwasebenzisa,” echaza.

Ngokulandelayo iChiefs izovakashela eThekwini lapho izobhekana khona neGolden Arrows ngoMgqibelo emdlalweni wayo wokugcina ngaphambi kwekhefu lamazwe.

Isithombe esingenhla: IKaizer Chiefs ibhekene neMamelodi Sundowns. 

Umthombo wesithombe: @KaizerChiefs

Izihloko zakamuva