Lubhalwe nguRazeen Gutta
Ugcine emenyezelwe njengomqeqeshi omusha weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi.
Amahlebezi okuthi lo mqeqeshi wase-Tunisia uzoqeqesha izikhondlakhondla zase-Soweto abesematheni kwaze kwathi ngeSonto agcine eqinisekisiwe njengoba iqembu lenze lesi simemezelo ezinkundleni zokuxhumana.
Imininingwane yenkontileka yalo mqeqeshi oneminyaka engu-58 ubudala isazodalulwa. Nokho umqondisi wezokumaketha kuChiefs uJessica Motaung ukholelwa ukuthi uNabi uyindoda ewufanele lo msebenzi.
“Sibheke izinto eziningi, umqeqeshi ofanele nobeqeqesha ezwenikazi lonke oyiqondayo inhloso yeChiefs nokuthi sifuna ukuya kuphi njengeqembu,” esho etshela izintatheli ngesikhathi kwethulwa i-Toyota Cup eyandulela isizini.
“Ungumqeqeshi onothando nolambele impumelelo yeChiefs. Mangisho nje ukuthi siyambongela umqondisi wezemidlalo [uKaizer Motaung Jr] kanye neqembu lonke ngomsebenzi omkhulu abawenzile ekubhekeni umqeqeshi onamava emhlabeni jikelele.”
UNabi uvela kusizini enhle kakhulu ku-AS Far Rabat lapho ezakhe ziqede endaweni yesibili kuligi yase-Botola futhi zafinyelela kowamanqamu we-Moroccan Throne Cup.
Ngaphansi kwesandla uCavin Johnson, iChiefs iqede umkhankaso wayo we-PSL isendaweni yeshumi – okuwukuqeda kwayo okubi kakhulu.
UNabi uzoqala indima yakhe ngomdlalo owandulela isizini bebhekene neqembu lase-Tanzania iYoung Giants ngomhlaka-28 kuNtulikazi.
Osesithombeni ngenhla: uNasreddine Nabi.
Umthombo: @salimosaid