Linda Ximba
Umsakazi woKhozi FM, uMzokhona “Mzokoloko” Gumede, usememezele ukuthi uzoshiya esiteshini sesiZulu sakwa-SABC aye esiteshini somsakazo esizinze eThekwini, iVuma FM.
Intandokazi yabalaleli abaningi kulindeleke ukuthi iqale umsebenzi wayo omusha ngoNhlolanja futhi uzosakaza uhlelo lwasekuseni.
Imithombo ithe uMzokoloko wathatha umsebenzi wokusakaza kwiVuma FM ngoba usekhathele ukusebenza ohlelweni olungadumile lwangempelasonto.
Kuthiwa uMzokoloko waphoxeka kakhulu kulandela ushintsho lwangonyaka odlule lokushintsha oDJ olwenziwa minyaka yonke ngenxa yokuthi wakhishwa ohlelweni lwantambama oludume kakhulu, iSisonke Drive, abelusakaza noMroza Buthelezi.
Owake waba nguDJ weGagasi 99.5fm wabe esenikezwa indima yokuba ngumdidiyeli wohlelo lwezingxoxo lwamasonto onke, kanye nohlelo lwangoMgqibelo lwamathuna.
“Ngeke ngikhulume okuningi ngoba ngisenenkontileka ne-SABC kodwa lalela – kusazobamnandi,” kusho uMzokoloko etshela i-Scrolla.Africa.
Okhulumela iVuma FM, uLydia Mtshali, uthe ziningi izinguquko ezizobakhona ezizomenyezelwa maduze kulo msakazo.
“Sizokhipha isitatimende esinemininingwane egcwele,” kusho uMtshali.
Khonamanjalo, i-SABC inqume ukukhangisa isikhala somphathi wezinhlelo woKhozi FM kubantu bangaphandle. Umsakazi womphakathi wenze inhlolokhono nabangaphakathi kodwa kwakubonakala ukuthi abagculisekile ngendlela abenze ngayo.
Bafuna umuntu onamava ozovala isikhala sikaZandile Tembe owaxoshwa ngoMfumfu ngonyaka odlule ngoba esolwa ngokuvikela umethuli wezinhlelo ongalawuleki.
UGugu Ntuli okhulumela i-SABC uthe, “i-SABC isiphinde yasikhangisa kabusha isikhundla somphathi wezinhlelo woKhozi FM ukuze abantu bangaphandle abafanelekile nabo bangenele lesi sikhundla.