Lubhalwe nguZukile Majova
UMengameli uCyril Ramaphosa ukuqinisekisile ukuthi iNingizimu Afrika izobuyela eNkantolo Yobulungisa Yamazwe Ngamazwe (i-ICJ) emzamweni wokunqanda ukuhlasela kuka-Israel e-Rafah.
Njengengxenye yokuqhumisa kwabo ibhomu e-Gaza okwabulala abantu base-Palestine cishe abangaphezu kuka-40,000, i-Israel ikhiphe umyalelo wokuthi izakhamizi ziphume e-Rafah, idolobha eliseningizimu yase-Gaza lapho abantu abaningi base-Palestine babalekela khona ngemuva kokucekelwa phansi kwedolobha lase-Gaza enyakatho.
URamaphosa uthe ukuhlaselwa kwe-Rafah kukhathaza kakhulu uhulumeni waseNingizimu Afrika, osenqume ukuxhumana ne-ICJ ukuze ikhiphe umyalelo wokumisa ukubulawa kwabantu base-Palestine e-Rafah”.
“Lokhu sikubona njengesijeziso, futhi kufanele kwenziwe okuthile ukunqanda okwenzekayo njengoba kubulawa abantu abaningi kangaka base-Palestine abesifazane nezingane kanye nezakhamuzi.
“Kungakho sisaphindela eNkantolo Yobulungisa Yamazwe Ngamazwe futhi sinethemba lokuthi u-Israel izolalela umyalelo wenkantolo yamazwe ngamazwe,” kusho uRamaphosa.
I-ICJ izobamba umhlanhano ngoLwesine nangoLwesihlanu mayelana nesicelo sakamuva seNingizimu Afrika sokufuna i-Israel imise ukuhlasela e-Rafah.
UNobhala-Jikelele we-UN u-António Guterres uthe ushaqekile ngokudlondlobala kwamasosha e-Rafah nasezindaweni eziyizungezile, okungamasosha ophiko lwe-Israel Defence Force.
“Lokhu kuphinde kuthiye ukufinyelela kosizo lwabantu futhi kwenza isimo, esivele sisibi, sibe sibi kakhulu.
“Ngaso leso sikhathi, i-Hamas iyaqhubeka nokudubula amarokhethi ngokungakhethi. Izakhamuzi kumele zihlonishwe futhi zivikelwe ngaso sonke isikhathi e-Rafah nakwezinye izindawo e-Gaza. Kubantu base-Gaza akukho lapho kuphephile khona manje,” kusho uGuterres.
Khonamanjalo, i-Egypt isijoyine i-Colombia ne-Turkey ukwesekela icala leNingizimu Afrika lokunqanda ukubulawa kwabantu okwenziwa u-Israel, elifake kwi-ICJ.
UMnyango Wezangaphandle e-Egypt uthe: “Lokhu kuhlasela kuhlanganisa ukunyiswa ngamabomu kwezakhamizi, ukucekelwa phansi kwengqalasizinda, ukuxoshwa ngenkani, nokudala izimo zokuphila ezingabekezeleleki, okuholela enhlekeleleni engakaze ibonwe e-Gaza.”
Isithombe esingenhla: uMengameli Ramaphosa.
Umthombo wesithombe: X