UMZANSI UPHELELWA I-OKSIJINI NJENGOBA IGAGASI LESITHATHU LIKHULA

Everson Luhanga noArthur Greene

Njengoba igagasi lesithathu libonakala seliseduze, iNingizimu Afrika isengozini yokuphelelwa  amathangi akhiqiza i-oksijini esetshenziselwa ukwelapha iziguli eziphethwe yi-Covid-19.

“Uma uhulumeni engagcwalisi amasilinda ngesikhathi, kungahle kube nenkinga njengoba izwe lingena ezigabeni zokuqala zegagasi lesithathu,” kusho usihlalo we-South African Medical Association, uDkt Angelique Coetzee.

Ubuye wengeza ukuthi izibalo zabatheleleka nge-Covid-19 ezifundazweni ezinjenge-Gauteng, i-North West naseNyakatho yeKapa sezikhulile ezinsukwini ezimbalwa ezedlule.

Ukwanda kwabatheleleka nge-Covid-19 kusukela ngoNdasa kuholele ekufuneni okukhulayo kwe-oksijini. Lokhu, kuhambisana namazinga okugoma aphansi aleli lizwe, kushiya iNingizimu Afrika isengozini yokubhekana “nokuwa ngokuphelele” kohlelo lwayo lwezempilo.

“Isidingo esikhula ngokushesha se-oksijini sibeka ingcindezi ohlelweni lwezempilo, olungakwazi ukuhlangabezana nalo, futhi sibona ukufa kweziguli kwanda,” kusho uLeith Greenslade, ongumxhumanisi wenhlangano i-Every Breath Counts Coalition etshela i-Bureau of Investigative Journalism (BIJ)

UDkt. Louis Reynolds we-People’s Health Movement uthe ukungabi khona kwe-oksijini kuzobambezela inqubekela phambili yohlelo lokugoma njengoba abantu abaningi kungenzeka bathole i-Covid-19 egagasini lesithathu.

Kusukela ngoLwesithathu, bangu-1.1% kuphela abantu abagonyiwe kuze kube manje, ngokusho kwezibalo ezishicilelwe yi-New York Times.

Ngokophenyo lwe-BIJ, iNingizimu Afrika ingelinye lamazwe amaningi emhlabeni abhekene nenkinga yokushoda kwe-oksijini. Amanye amazwe ase-Afrika asengcupheni kubalwa i-Nigeria, i-Ethiopia, i-Malawi ne-Zimbabwe.

Kodwa lobunzima osebufike kulamazwe bekungagwenywa.

Ngonyaka odlule, iBhange Lomhlaba linikele ngo-R2.2 trillion ukuba uthuthukise izinhlelo ze-oksijini emazweni.

Imali ingasetshenziselwa ukungenisa umkhiqizo we-oksijini noma ukuwukhiqiza kwelakuleli.

Kodwa-ke, ibhange manje selixwayise ukuthi iningi lala mazwe alizange lifake izicelo zalemalimboleko ephuthumayo.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo kuzwelonke, uPopo Maja, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi lo mnyango wenze isivumelwano ne-Afrox ukuthi kube yiyona ehlinzeka kakhulu nge-oksijini njengoba kuza igagasi lesithathu.

Izihloko zakamuva