Lubhalwe nguBathandwa Ndlangisa
UMzansi Magic 191 uzodlala okokuqala ngqa umdlalo wakuleli wesiNdebele ozobizwa ngeKomkhulu.
Lo mbukiso udingida ubunzima kanye nemibango yezikhundla njengoba umbuso ubhekana nenkathi yesimanje enezinguquko nesizukulwane esisha esizogcina sinyakazise ubukhosi obucebe kakhulu esifundazweni.
Umqondisi we-M-Net ongamele iziteshi ezimnandi zakuleli, uShirley Adonisi uthe ukuletha imidlalo ekhombisa ukuhlukahluka kwamasiko nemibono yababukeli yinto esezinhlelweni ze-Multichoice.
Izihlabani zabalingisi okukhona kuzo uMandla Mnguni, uSipho Mbhele, uBongani Mchunu odlala indawo kaJama, uBongi Mtsweni odlala indawo kaSayina, uJames Sithole, uJabulani odlala indawo kaKarisa, kanye noNqobile Khumalo odlala indawo kaMantfombi bazoqala ngoMbasa mhla ziyisishiyagalolunye
Osebenza kwezokungcebeleka ozinze eMpumalanga, uNdumiso Mahlangu ushayele ihlombe umsakazi ngokuvumela izilimi ezincane ukuthi nazo ziziveze.
“Impela i-DStv idinga ukunconywa ngokwakha inkundla yokuthi izifundazwe nezilimi ezifana nesiNdebele zikhangise ngamasiko azo kusetshenziswa izinhlelo zomdlalo owuchungechunge kamabonakude,” kusho uMahlangu.
“Ngezindlela eziningi lolu hlelo luwubufakazi bokuthi amaphupho nolimi lwezakhamuzi zaseMpumalanga ikakhulukazi lezo ezisembonini yezokungcebeleka zibalulekile.”
Ungoti wolimi wase-Nelspruit, uSara Mhlongo unxuse abanye ababambe iqhaza kwezokuxhumana nakwezobuciko ukuthi balandele ezinyathelweni zeMzansi Magic esikhombise ukuqhakambisa izilimi zesintu ezahlukene.
“Ngiyethemba ukuthi uhlelo olusha Komkhulu lizovula amathuba amaningi esiNdebele. Ngiphinde ngithembe ukuthi nezinye izinhlaka ezifana nabezindaba, uhulumeni namaciko bazolusukumela lolu daba. IMzansi Magic isiqalile ukuqhakambisa amasiko ezifundazwe zethu,” kusho uMhlongo.
Abasesithombeni esingenhla: Abalingisi beKomkhulu
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe