Lungani Zungu
UJacob Zuma uzobe eseNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu namuhla kulokho okuchazwe njengomzamo wokugcina wokuzama ukumisa ukuboshwa kwakhe.
Lowo owayenguMengameli uzobambana ngezihluthu neKhomishini ephenya ukulawulwa kombuso kanye neNkantolo Yomthethosisekelo, eyamgweba izinyanga eziyishumi nanhlanu ejele ngoLwesibili olwedlule. UZuma udonse ulaka lwenkantolo enkulu ngemuva kokudelela umyalelo wenkantolo omtshela ukuthi avele phambi kwekhomishini ephenya ngokulawula kombuso eholwa yiPhini leNhloko yamaJaji uRaymond Zondo.
INkantolo yoMthethosisekelo imnikeze izinsuku ezinhlanu, eziphelelwe yisikhathi ngeSonto, ukuthi azinikele emaphoyiseni aseNkandla noma eGoli.
Ukulalelwa kwamacala kuzoqhubeka futhi kuzosakazwa bukhoma esiteshini se-YouTube sezobulungiswa.
UZuma, obekade ethi akalisabi ijele, waphuthuma waya eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ngoLwesihlanu eyovimba ukuboshwa kwakhe.
Inkantolo iphinde yayalela uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz uBheki Cele noKhomishani kuzwelonke uJenene Khehla Sitole ukuthi babophe uZuma uma engazinikeli.
Uma kwenzeka iNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu isichitha isicelo sikaZuma uCele akanayo enye indlela ngaphandle kokubopha uzakwabo.
UZuma uphinde wafaka isicelo kwiNkantolo Yomthethosisekelo sokuba sihoxise isinqumo sayo sokumgweba ngokuvalelwa ejele. Lolu daba luzolalelwa ngoMsombuluko.
Emaphepheni akhe asenkantolo, uZuma wathi iNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu inamandla okuphoqelela noma ukumisa ukwenziwa kwanoma yimuphi umyalelo wenkantolo, ngisho nomyalelo wenkantolo ephakeme kunazo zonke ezweni.
NgeSonto uZuma oneminyaka engama-79 ufanise ukuboshwa kwakhe nesigwebo sentambo ngenxa yokuguga nempilo yakhe ebuthaka.
Ikhomishini yophenyo ngombuso ichaze isicelo sakhe sakamuva njengokuqhubeka kwendlela kaZuma yokuhlukumeza izinqubo zenkantolo.
“Lokhu iqhinga ohlangothini lomfakisicelo ukugwema: ukudonsa isigwebo sakhe sasejele,” kufundwe incwadi efungelwe yekhomishini.
Isizwe sizokwazi ngaphambi kokuphela kwesonto ukuthi lo owake wahola izwe njengomengameli uzogcina ejele noma cha.