Umzali wesiguli ushaye udokotela emsola ngokuhudula izinyawo

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Iziguli zasemtholampilo i-Daveyton Main Clinic e-Kurhuleni zisale dengwane ngoMsombuluko ekuseni ngemuva kokuthi abasebenzi bezokwelapha beyeke ukusebenza befuna ezokuphepha ezingcono.

Lesi senzo senziwe ngemuva kokushaywa kukadokotela ngoMgqibelo ebusuku.

Kusolakala ukuthi umzali obethukuthele wesiguli esincane ushaye udokotela. Umtholampilo awuzange udalule ukuthi ngabe udokotela ulivulile yini icala noma ulimele.

Ngesikhathi esegunjini likadokotela, umzali usole udokotela ngokuhudula izinyawo, ebeka impilo yesiguli engcupheni.

Izakhamuzi azimangalanga neze ngokuthi abazali sebephelelwe isineke ngodokotela. Bakhala ngokuthi balinda amahora amaningi ukuthola usizo ngoba abahlengikazi bahlala komakhalekhukhwini babo noma bathathe ikhefu lesikhathi eside ukuyophuza itiye noma ikhefu lesidlo sasemini.

Isiguli esisemtholampilo, uNomthandazo Zwane, sitshele i-Scrolla.Africa ukuthi abantu abagulayo bakhathele impatho engeyinhle abayithola emtholampilo.

“Odokotela basiphatha sengathi basenzela umusa ngokuba lapha,” kusho uNomthandazo.

“Hhayi ngoba singenakho esingakwenza ngokuza lapha. Siyagula futhi sifuna ukwelashwa.”

Uthe izakhamuzi eziningi zithuthele kweminye imitholampilo yakwezinye izindawo ukuze zigweme ukuthola usizo olubi e-Daveyton Main Clinic.

“Njalo uma sikhalaza kuthiwa asihambise izikhalo zethu ebhokisini leziphakamiso kodwa abakaze baphendule,” usho kanje.

Esinye isiguli, uMnuz Harry Sibeko, sithe sinethemba lokuthi lesi sigameko sizogqamisa impatho engeyinhle abayithola kulo mtholampilo.

“Ukuza kulo mtholampilo uma ugula kuwukugembula ngempilo yakho. Ungafa usalinde ifayela lezokwelapha,” esho.

USonwabo Lindani, oyisikhulu esiphezulu sase-Far East Rand Hospital, ukhulume neziguli ebezingaphakathi esibhedlela lapho isiguli sidluliselwe khona wacela ukuthi banikeze umtholampilo isikhathi sokukhuluma nabahlengikazi ukuze kuxoxwe ngezinto ezithinta abahlengikazi neziguli kulandela lesi sigameko.

Ubengenaso isiqiniseko sokuthi bazoqala nini ukusebenza futhi, kodwa ngeke bavule namuhla.

“Kungenzeka kuvulwe namuhla ebusuku, kusasa noma ngesonto elizayo kuzoya ngesinqumo esizothathwa emhlanganweni,” kusho uLindani.

“Sidinga umphakathi usibekezelele njengoba sixazulula lolu daba.”

Esithombeni esingenhla: Iziguli ezingaphandle komtholampilo i-Daveyton Main Clinic. 

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva