Umzabalazo wawase-Afrika kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba

Dylan Bettencourt

Ngaphambi kokuthi kuqale iNdebe yoMhlaba ye-Fifa, i-Afrika izobe isivele ishaya ngonyawo lonwabu njengoba amaqembu amakhulu kulelizwekazi ezophuthelwa yilo mqhudelwano.

Lokhu kungenxa yokuthi kunzima emaqenjini ase-Afrika ukungena kulo mqhudelwano uma kuqhathaniswa namanye amazwekazi.

Kunemikhakha eyisithupha yamazwekazi: i-AFC (i-Asia), i-CAF (i-Afrika), i-CONCACAF (i-North and Central America and the Caribbean), i-CONMEBOL (i-South America), i-OFC (i-Oceania), kanye ne-UEFA (i-Europe).

Emkhakheni ngamunye, amazwe azotholana phezulu kwiNdebe yoMhlaba.

Kodwa-ke, i-Fifa yiyona enqumayo ukuthi izwekazi ngalinye lizothola izikhala ezingaki kulo mqhudelwano.

I-Afrika, njengezwekazi elinesizwe lesibili ngobukhulu, lithola izikhala ezinhlanu kuphela.

Uma kuqhathaniswa ne-Europe – enezwe elilodwa kuphela elikwazi ukuphumelela uma liqhathaniswa ne-Afrika – inikezwa izikhala ezingu-13.

Ukuvumela amazwe amahlanu kuphela ase-Afrika ukuthi amele izwekazi lonke kusho ukuthi nangaphambi kokuba azibekisele indawo kulo mqhudelwano, i-Afrika yonke isihluliwe vele.

Izwekazi lase-Afrika alikaze liwine iNdebe Yomhlaba ngaphambilini futhi lokho kuyaqondakala, kanye nokuba namandla amancane kwezezimali kunamaqembu ase-Europe, mahlanu kuphela kuwo avunyelwe ukuqhudelana namaqembu angu-32 emqhudelwaneni.

Ngokwemvelo, uma amaqembu amaningi eqhamuka endaweni eyodwa emqhudelwaneni, maningi amathuba okuthi leyo ndawo ikhiqize owinile. Sekungumlando ukuthi i-Europe yiyona ejwayele ukuwina iNdebe yoMhlaba.

Amaqembu ase-Afrika kumele adlule emizuliswaneni emithathu yokuhlungela ukuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba.

Umzuliswano wokuqala uthatha amaqembu angu-28 ahleli endaweni esezansi adlale ngokulingana emidlalweni emibili ukunciphisa amaqembu ngokuqhubekayo.

Umzuliswano wesibili ubeka amaqembu awinile angu-14 emzuliswaneni wokuqala eqhathwe namanye amazwe angu-26. Amaqembu angu-40 ahlukaniswa ngamaqoqo angu-10 ngamaqembu amane kanti ophumelele kuphela odlulela emzuliswaneni wesithathu nowamanqamu.

Umzuliswano wesithathu, lapho i-Afrika ezithola ikhona njengamanje, ithatha  abangu-10 emaqoqweni awinile futhi ibabeke phezulu kowamanqamu wemidlalo emibili yokuhlungela ukuyodlala e-Qatar.

Lokhu kusho ukuthi, ngokuya ngokutonyulwa kwamaqembu, amaqembu amakhulu ase-Afrika aphuthelwe yithuba lokuwina iNdebe yoMhlaba ngenxa yendlela aphoqeleke ngayo.

I-Algeria, i-Cameroon, i-Morocco, i-Senegal, i-Egypt, i-Nigeria kanye ne-Ghana bangase baphuthelwe indawo kwiNdebe yoMhlaba kuya ngemiphumela yemizuliswano emithathu.

Njengoba i-Egypt izobhekana ne-Senegal, uMohamed Salah noma uSadio Mane ngeke babonakale kwiNdebe yoMhlaba, okubukeka kuwubuwula kulo lonke elikanobhutshuzwayo.

NgoLwesibili oluzayo i-Afrika izokwazi ukuthi yimaphi amaqembu amahlanu azoyimela e-Qatar.

Umthombo wesithombe: @SkySports

Izihloko zakamuva