Umzabalazo kagesi phakathi kwabahlali nabanikazi bezindlu

Abanikazi bezindlu ze-RDP bathi izintambo zezinyokanyoka zidala ukuphazamiseka kukagesi kanye nokushona okunyantisa igazi – kodwa abahlali bathi abakwazi ukuhlala ngaphandle kukagesi.

Ngakho-ke akukho nqubekela phambili.

Imibhikisho ivamile eNelson Mandela Bay lapho izakhamuzi zivimba imigwaqo ngamathayi avuthayo namatshe zifuna ugesi. Ngaphansi kwesibhengezo esithi “ugesi awunikezwe abampofu”, abahlali bafuna ugesi futhi baxhuma nezinyokanyoka. Abanikazi bama-RDP abayifuni lento futhi igcina idala nezingxabano.

NgoNtulikazi, umholi womphakathi waselokishini laseNkandla wadutshulwa walimala ngemuva kokuthi ehole umphakathi wakhe ukuba ususe izintambo ezixhunyiwe zikagesi. Ngenyanga efanayo, kwashiswa imijondolo emine yase-Endlovini eyayixhume ugesi ngokungemthetho.

Sekukabili kule nyanga, abahlali base-Waterville behilizisana nabanikazi bezindlu base-Missionvale RDP ngemuva kokuthi kuqhume i-transformer nebhokisi likagesi ngenxa yokuthwaliswa kanzima ukuxhumana okungekho emthethweni.

UNandipha Mehlala, ongumholi woMphakathi wase-Waterville uthe: “Senza izinyokanyoka ukuxhuma ugesi ngoba umasipala wethu uyephuza ukusinika ugesi. Iningi lethu liphila ngemali yesibonelelo sezingane. Indawo yethu yaqala ngowezi-2016 futhi inemijondolo ebalelwa kuma-628 futhi asinawo ugesi.”

Uthe, ilitha likapharafini libiza i-R15. Ngokuxhuma ngqo ku-transformer noma esigxotsheni sikagesi bonga imali ethe xaxa yokuthenga ukudla.

“Kodwa siyashayisana nabanikazi bezindlu zomxhaso. Bafuna sixhume emakhaya abo ngemali engama-R250 ngenyanga. Lokhu kuholela ekuxakaneni,” kusho uNandipha.

USihlalo we-Informal Settlements Forum eNelson Mandela Bay, uSipho Ntsondwa uthe,isicelo sabo sikagesi asikaze sizwakale.

“Imile imisebenzi eyisishiyagalombili yokufakwa kukagesi emijondolo ngoba umasipala awunayo imali,” kusho uSipho.

Ikhansela laku-Ward 31, uMnuz Luyolo Nombola uthe le mijondolo yakhiwe ngaphansi kwentambo kagesi yakwa-Eskom futhi umasipala usabheka ukuthi bakufanele yini ukufakelwa ugesi.

“Noma kunjalo, lokho ngeke kwenzeke manje ngoba umasipala unohlu olude lwezindawo ezilinde ugesi.”

Izihloko zakamuva