Dylan Bettencourt
Inkantolo yase-Kenya ikhiphe isinqumo sokuthi umyeni ongumsolwa ngokubulala umsubathi wama-Olimpiki u-Agnes Tirop kumele ahlolwe ingqondo ngaphambi kokuthi akwazi ukufaka isicelo sakhe.
Lo msubathi webanga elide ophule irekhodi lomhlaba utholakale egwazwe washona emzini wakhe e-Rift Valley mhla ziyi-13 kuMfumfu esigamekweni esishaqise izwe saphinde saqwashisa ngodlame abesifazane ababhekene nalo e-Kenya.
U-Ibrahim Rotich, umyeni kaTirop, uboshwe ngosuku olulandelayo ngecala lokubulala kanti iziphathimandla zendawo zithi ubezama ukubaleka ezweni ngemuva kokubulawa kukankosikazi wakhe.
Umsolwa oneminyaka engama-41 ubudala uvele enkantolo ngoLwesibili lapho izikhulu zenkantolo zinqume khona ukuthi angeke akwazi ukuba ecaleni mhla ziyi-16 kuLwezi ngaphandle kokubheka ukuthi usesimweni esikahle yini ngokwengqondo.
URotich kanye nethimba lakhe labammeli abakaze baphawule esidlangalaleni mayelana nesigameko esenzeke cishe enyangeni edlule.
Lo msubathi wase-Kenya ubulawe ngesihluku ngemuva kwenyanga ephule irekhodi lomhlaba lomjaho wabesifazabe we-10km e-Germany. Okunye akuzuzile kubalwa nokuwina indondo yethusi emqhudelwaneni we-10km ku-World Athletics Championships angowezi-2017 nowezi-2019.
Imibiko iveza ukuthi abaningi abebazi lezi zithandani bebazi ukuthi umyeni kaTirop ubevame ukumhlukumeza futhi umsubathi ubezama ukuhlukanisa ngaphambi kokushona kwakhe.
Abasondelene nalo msubathi bathi ubesaba ukuthi ngelinye ilanga umyeni wakhe uzombulala kanti lelo phupho elibi lifezeke ngemuva kwamasonto.
Okhulumela umndeni uJeremiah Sawe ukholelwa ukuthi lo msubathi ubulawe ngenxa yengcebo yakhe njengoba yonke impahla yakhe ibibhaliswe ngaphansi komunye wabangani bomyeni wakhe.
Lo msubathi wase-Kenya ubenekusasa eliqhakazile, kodwa ukushona kwakhe kuqede isiqalo somsebenzi obungase ube impumelelo kaTirop obekubukeka sengathi usekutholile okumfanele.
Umthombo wesithombe: @SkySports