UMyeni udalula ufakazi oqavile uMnu X

Kuke kwaba nezinxushunxushu ngosuku lwesibili lukaDudu Myeni kwikhomishini kaZondo mayelana nokulawulwa kombuso.

Ngaphansi kokuphonswa imibuzo ngenkohliso kanye nokukhwabaniswa koMhlathuze Water lapho ayengusihlalo khona, uMyeni:

  • Wenqabile ukuphendula imibuzo evela kwikhomishini, ethi akafuni ukuzibandakanya yena
  • Kudalulwe igama lofakazi oyimfihlo – owaziwa njengoMnu X

INkantolo eNkulu imemezele ukuthi, uMyeni ungumphathi wezigebengu.

Njengamanje angavulelwa icala ngokuveza ukuthi ubani ufakazi, kusho umholi wobufakazi bekhomishini uKate Hofmeyr ongummeli.

UMyeni ubethula ubufakazi ngesixhumanisi sevidiyo njengoba ehlala yedwa ngemuva kokuba semathubeni okuhaqwa i-Covid-19.

Isithombe: @Nsibande