Kamogelo Olaitan
OwayenguSihlalo webhodi lakwa-SAA uDudu Myeni uhlawuliswe u-R120 000 noma iminyaka emibili ebhadla ejele ngokudalula imniningwane kafakazi kwikhomishini kaZondo.
UMyeni uvele eNkantolo yeMantshi yaseGoli ngoLwesithathu ngesikhathi evuma icala lokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.
Uveze ukuthi ungubani ufakazi ongaziwa owaziwa ngelikaMnu X ngesikhathi ethula ubufakazi kwiKhomishini yokulawulwa kombuso kaZondi ngoLwezi ngo-2020.
Abammeli bakhe baphikisene ngokuthi athole isigwebo esincane ngokuveza ukuthi uyaqala ngqa ukuphula umthetho futhi akakaze ahole kusukela ngo-2017.
Batshele iNkantolo ukuthi wamenyezelwa njengomqondisi ongenacala impilo yakhe yonke futhi akakwazi ukuqhuba ibhizinisi.
Ufakazi amgagule ngoMnu X ungumnikazi wenkampani yokwakha okuthiwa wathola izimali ezingaphezu kuka-R3 million enkampanini yendodana kaMyeni, uThalente kubika i-News24.
UMnu X uthe uMyeni wamfonela ngemuva kokufakwa kwaleyo mali wamyalela ukuthi akhiphe ukheshi amnike ingxenye yemali bese enye ayikhokhele i-Jacob Zuma Foundation.
Ingxenye yesigwebo sikaMyeni sihoxisiwe kanti nenhlawulo yakhe inqanyulwe phakathi.
Ngokushesha ngemuva kokuqulwa kwamacala ukhokhe u-R30, 000 imali esele kumele ayikhokhe ngomhlaka-29 kuNcwaba.
Umthombo wesithombe: @Polity