Umyeni kaZanele Mbokazi uchitha eyokuthakathwa oKhozini

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Umyeni womsunguli wama-Crown Gospel Music Award uZanele Mbokazi-Nkambule uthi amanga aluhlaza ukuthi umkakhe ubethakathiwe emsakazweni uKhozi FM ngoba ubulawe umdlavuza wamaphaphu.

UBishop Mpendulo Nkambule ukusho lokhu ngoLwesine ntambama enkonzweni yesikhumbuzo sikaZanele Mbokazi-Nkambule ebise-Gods Never Fails eThekwini. 

“Ngiyafuna ukukucacisa lokhu ukuthi uZanele akathakathwanga oKhozini FM njengoba abanye besho nje. UZanele utholwe ukuthi unomdlavuza wamaphaphu nokuyiwo omthathile. Ngakho le yokuthi uthakathiwe ayikho. UZanele bebemthanda oKhozini naye ebathanda,” kusho uNkambule.

Uphinde wabonga abaphathi boKhozi FM ngokubuyisela umkakhe emsakazweni.

Uthe umkakhe bekuyiphupho lakhe le minyaka ukubuyela oKhozini FM kodwa engenandaba nemali ngoba ubekuthanda ukuba semva kombhobho.

Ukusho lokhu nje Okhozini kuke kwaduma ukuthi abasakazi bakhona banekhanda elibi elibaqedayo bese beyashona nobekwenza abanye bakholelwe ekutheni kuyathakathwana kulo msakazo.

Abanye okwathi uma beshona kwaba nezinkulumo, kubalwa oMandla Ngcobo, uMduduzi Msomi, uBheka BK Mchunu, u-Irvin Sihlophe nabanye.

Ngisho abasakazi abasaphila abafana noMroza Buthelezi kwaduma ukuthi naye usinde kukubi eshawa yilo lelo khanda.

Unkambule ubuye wakhala ngabangani baMbokazi-Nkambule ukuthi ubebathemba kodwa abanye bamjikela bamdayisa ezitheni ngendlela ebuhlungu.

Lo Mbhishobhi ukhale nangokuthi benomkakhe babhekana nenzondo eyabacekela phansi ngesikhathi besungula ibandla eThekwini nokuyilapho umkakhe akhombisa khona ukuqina ebekezelela izinhlungu zenzondo yabangani bakhe ayebathanda.

UMbokazi-Nkambule ushone ngoMsombuluko ekuseni esibhedlela saseMhlanga ngemuva kokugula izinyanga ezintathu eshawa umdlavuza wamaphaphu.

Izihloko zakamuva