Sizwe Sibiya
UMax Lichaba ongumyeni wowayengumlingisi kwi-Generation uSophie Ndaba umangalele indodana kaNdaba ngenxa yeculo elibhalile ngaye.
Ngenyanga edlule, uLwandle Ndaba owaziwa ngelika-Ocean L, ukhiphe ingoma enesihloko esithi-My Stepfather A Devel. Kusolwa ukuthi le ngoma ingokuhlukunyezwa kwamawakhe uSophie ehlukunyezwa uMax, ongusomabhizinisi ozinzile.
Ingoma iphinde icacise ngamagama akhulume ngokuphinga kukaMax ngonyaka wezi-2020, okuyikhona okuholele ekutheni bahlukane. Lokhu kwenze uMax wadinwa kakhulu, manje umangalela u-Ocean L imali eyizi-500, 000 zamarandi, ngokusho kombiko we-City Press.
Khonamanjalo, lo ongumculi we-rap osafufusa akakaphawuli esidlangalaleni ngale ngoma selokhu ayikhipha, kanjalo noSophie Ndaba, owaduma ngokudlala indima kaQueen Moroka ngesikhathi sonyaka wezi-2000 usathule. Waqala washada noThemba Ndaba, ubaba kaLwandle. Ngemuva kwalokho waphinde washada nombhishobhi uKeith Harrington ngaphambi kokuba ashade uMax ngonyaka wezi-2017.
Umthombo wevidiyo: @cloutduke