Umxhasi webhola waseDenmark nemibhalo egxeka i-Qatar

Dylan Bettencourt

Umkhiqizo wezingubo zemidlalo odumile i-Hummel wenze ezibukwayo ngesikhathi ekhipha amajezi eqembu lesizwe lase-Denmark leNdebe yoMhlaba yeFifa ezoba e-Qatar.

Kuwona womabili amajezi, elasekhaya kanye nelasekuhambeni afakwe uphawu olucishe lungabonakali kuwo womabili amabheji eqembu lesizwe namalogo abaxhasi ahlanganiswe nemibala yezinto.

Futhi lokhu akulona iphutha.

Abakwa-Hummel bamemezele ukuthi abafuni ukubonakala emqhudelwaneni “osudlule nemiphefumulo yabantu abaningi.”

“Sifisa ukwenza isitatimende mayelana nerekhodi lamalungelo abantu e-Qatar kanye nempatho yayo kubasebenzi abaphuma emazweni angaphandle abakhe izinkundla zezemidlalo zeNdebe yoMhlaba,” kusho abakwa-Hummel esitatimendeni.

“Sikholelwa ukuthi ezemidlalo kufanele zihlanganise abantu. Futhi uma kungenzeki lokho sifuna ukuthumela umyalezo.”

Abakwa-Hummel baphinde basusa uphawu lwabo ejezini lokuqeqesha lase-Denmark ukuze bashiye isikhala semiyalezo egxeka i-Qatar kanye ne-Fifa.

INdebe yoMhlaba okulindeleke ukuthi iqale ngoLwezi ihlaselwe inqwaba yamahlazo mayelana nabasebenzi abaphuma emazweni angaphandle abaqashwe kuleliyazwe.

Izinhlangano eziningi ezilwela amalungelo abantu sezicele i-Fifa ukuthi inxephezele abasebenzi abaphuma emazweni angaphandle abahlukumezekile ngesikhathi belungiselela leliyazwe iNdebe yoMhlaba.

Kodwa-ke bobabili i-Fifa kanye nabagqugquzeli beNdebe yoMhlaba bebelokhu bephika ukuthi ngesimo sabo sempilo esingesihle.

Ikomiti eliphakeme lase-Qatar lakulo nyaka liphinde laphikisana nesimangalo esenziwe uHummel sokuthi izinkulungwane zabasebenzi abaphuma emazweni angaphandle balahlekelwe izimpilo zabo ngenkathi besemsebenzini.

“Sibe nezingxoxo eziqinile nezisobala ne-Danish Football Association (DBU),” kusho isitatimende.

“Sikwenqaba ngenhliziyo yonke ukubukelwa phansi kokuzibophezela kwethu kwangempela, ukuvikela izimpilo nokuphepha kwabasebenzi abangu-30,000 abakha izinkundla nezinye izinhlelo zemiqhudelwano.”

Ikomiti linxuse i-Denmark Football Association ukuthi idlulisele umphumela wokuxhumana kwabo okubanzi kwabakwa-Hummel.

Umthombo wesithombe: @TheQuint

Izihloko zakamuva