UMvala uzophinde abhekane nesilomo uNeymar

Lubhalwe nguMichael Madyira

Umdlali wasemuva weMamelodi Sundowns, uMothobi Mvala uzobhekana nesihlabani sase-Brazil uNeymar ngesikhathi lezi zinkunzi zaseTshwane zivakashela e-Austria.

AMasandawana azovakashela e-Europe unyaka wesibili kulandelana njengoba elungiselela isizini ka-2024-25.

Iqembu likaNeymar le-Saudi Pro League, i-Al Hilal, lingelinye lamaqembu akhona, kanti la maqembu azogijimisana ngomhlaka-26 kuNtulikazi.

Uma uMvala noNeymar bedlala kulowo mdlalo, kuzobe kungokwesibili bephambana ngemuva kokuhlangana okokuqala kuma-Olympic Games ase-Rio ngo-2016. 

Ngaleso sikhathi uMvala ubengumdlali wasesiswini ovikelayo kodwa kusamele abhekane noNeymar kanye nomgadli we-Arsenal uGabriel Jesus njengoba iqembu laseNingizimu Afrika lika-Under 23 ladlala ngokulingana ne-Brazil (0-0).

“Ngangiwulungiselele lo mdlalo,” kukhumbula uMvala ngomdlalo owawudlalelwa e-Arena BRB Mané Garrincha. 

“Uma usenkundleni, awucabangi ngamagama usuke ufuna ukukhombisa amakhono akho. Nokho ukudlala ngokumelene nabadlali abafana noNeymar kukunika ithuba lokuhlola ikhono lakho, njengoba umsebenzi wakhe uzikhulumela. Naphezu kwenselelo senza ngendlela encomekayo sadlala ngokulingana.”

Kwaba umdlalo lapho uMvala wakhishwa khona ngekhadi elibomvu ngemizuzu engu-59, okushaya elakuleli lidinga ukusebenza ngokuzikhandla ngenxa yokushoda kwesibalo libhekene neqembu elibhekwe ngabomvu.

Abanye abadlali beSundowns abebebhekene noNeymar ngalobo busuku ngu-Aubrey Modiba noRivaldo Coetzee.

Kwakuyathaka ukuthi uMvala ngaleso sikhathi wayengumdlali weNational First Division ku-Highlands Park kodwa manje usebuyile ukuzohlangana noNeymar njengomdlali ophelele wamazwe omhlaba oyisithenjwa sokuvikela i-Bafana Bafana.

Isithombe esingenhla: Umdlali wasemuva weMamelodi Sundowns uMothobi Mvala.

Umthombo: Mamelodi Sundowns

Izihloko zakamuva