Elmon Tshikhudo
Umfana omncane ongumpetha kwi-IT uMuvhango oqhamuka endaweni yase-Makhado ujabule kakhulu ukuthi umbono wakhe omuhle kakhulu wokufunda nge-Digital usufike ezindaweni eziningi ngisho nangakubo e-Limpopo kanti i-Scrolla.Africa nayo idlale indima.
Ngenxa yezinxushunxushu ze-Covid-19, akakwazanga ukuya kumgubho womkomelo wonyaka wezi-2021 obubanjelwe e-Kenya, kodwa njengoba ebekade engekho uthole indondo njengomsunguli obahlule bonke wathola indondo yonyaka ngaphansi kwesigaba esingama-30. Owine naye u-Erick Chiyota.
UMuvhango bekufanele ahambe aye kowamanqamu e-Nairobi, kodwa akakwazanga ukuthola indiza ngenxa yokuba imiphumela yakhe ye-Covid-19 iphume ngemuva kwesikhathi.
UMuvhango uwine indondo, isitifiketi kanye nemali.
“Ezinyangeni ezedlule besiyinkampani eyaziwa kancane, kodwa sibonga i-Scrolla.Africa esabalalise esikwenzayo” kusho uMuvhango.
“Besiqhudelana nezinkampani ezinkulu futhi ezimkantshubovu kule mboni kunathi njengoba bebenza ibhizinisi nohulumeni”.
Uthe sebeyaziwa ezizweni zonke futhi amakhasimende abo asenyuke kakhulu.
“Ngabe senza iphutha uma singayibongi inkampani i-Scrolla.Africa ngokuthi isabalalise esikwenzayo” kusho uMuvhango.
UMuvhango uthe umbono wabo uqhamuke ngenhloso yokuthi babefisa ukusiza abafundi ngalesi sikhathi esinzima kangaka, kodwa le phrojekthi isivule iminyango eminingi emhlabeni wonke ikakhulukazi emazweni ase-Afrika.
“Ukuthembeka kwethi sekusezingeni eliphezulu futhi kuthuthukisa kakhulu isibopho esinaso namakhasimende ethu. Simele isizwe sethu okusho ukuthu iningi lethu lizoqhubeka lenze izinto ezinhle ngenxa yomphakathi esiphuma kuwo” kusho uMuvhango.