Lubhalwe nguRorisang Modiba
Iziphathimandla zezempilo e-Nigeria zikhiphe isimemezelo sokuthi kubuyiselwe inqwaba yomuthi wokukhwehlela wezingane i-Benylin okusolakala ukuthi yakhiqizwa eNingizimu Afrika kanti kubikwa ukuthi iqukethe inani eliphezulu kakhulu le-lethal toxic eyingozi.
Umbiko we-Reuters ngoLwesithathu uthe ukuhlolwa komuthi wokukhwehlela kuveze izinga eliphezulu le-diethylene glycol.
Ikhemikhali ihlotshaniswa nokushona kwezingane eziningi eGambia, e-Uzbekistan nase-Cameroon kusukela ngo-2022.
Lo muthi usisetshenziselwa ukwelapha izimpawu zokukhwehlela, ukuminyana, ukuthimula okweqile (hay fever) kanye nokunye okungaphatheki kahle ezinganeni ezineminyaka ephakathi kwemibili nengu-12, ngokusho kwe-National Agency for Food and Drug Administration and Control (Nafdac) yase-Nigeria.
“Ucwaningo olwenziwe i-laboratory lubonisa luqukethe izinga eliphezulu ngendlela engamukelekile le-diethylene glycol futhi kutholakale ukuthi ibangela ubungozi ezilwaneni zase-Laboratory,” kusho uNafdac.
Ukubuyiswa komuthi wokukhwehlela kulandela imibiko yokushona kwezingane okuhlobene nalesi sithako kwamanye amazwe. Uhlobo lwe-Benylin, obeluphethwe iJohnson & Johnson phambilini, luthuthelwe enkampanini entsha ebizwa ngeKenvue ngoNcwaba.
Okhulumela i-Kenvue utshele i-News24 ukuthi: “Sisebenzisana ne-Nafdac e-Nigeria ukuze siqonde kabanzi njengoba sizokwenza olwethu uphenyo, okuhlanganisa nokuqinisekisa ubuqiniso bomkhiqizo oyisampula, indlela yokuhlola esetshenzisiwe kanye nemiphumela ebikwe yilesi sikhungo.”
Ukubuyiswa komuthi wokukhwehlela e-Nigeria nase-Kenya sekuqubule imibuzo ngokudayiswa kwawo eNingizimu Afrika.
Isithombe esingenhla: Umuthi wokukhwehlela e-Benylin.
Umthombo wesithombe: X