Lungani Zungu
Ngenkathi abasolwa abayisikhombisa abahlomile beya enyangeni ngemuva kokubamba inkunzi ngenhloso yokuyogezwa nokuvikelwa, babecabanga ukuthi bawavikile amaphoyisa.
Babengazi ukuthi ngisho namandla omuthi ayenganele ukuvimba amaphoyisa ukuthi angababophi.
Abasolwa, abaneminyaka ephakathi kwengama-30 nengama-40, babanjwe ngesikhathi besendlini yomelaphi wendabuko e-Bergville ngoLwesithathu.
Phambilini kuthiwa bangene esitolo esikhulu e-Upper Tugela endaweni yase-Bergville baphanga abasebenzi imali engadalulwanga.
Umphathi walesi sitolo ongathandanga kudalulwe igama lakhe ukhulume ne-Scrolla.Africa.
“Abasebenzi bami bayesaba ukuza emsebenzini. Kwakuyisigameko esibi kakhulu kithina. Namanje ngisahlukumezekile.”
Uthe la madoda angene esitolo enza sengathi ayathenga.
“Okulandelayo bakhiphe izibhamu zabo bafuna imali.”
Udaba lwabikwa emaphoyiseni, kwaqalwa ukuthungathwa kwabasolwa.
Okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbele uthe amaphoyisa alunywe indlebe ngemuva kokuba abasolwa bebonakele endlini yenyanga, KwaDukuza, ebangeni elingaphezu kwamakhilomitha angama-200 ukusuka esitolo abasibambe inkunzi.
Ngesikhathi amaphoyisa ebopha abasolwa, abahlanu babo bagijime baya ngasemfuleni bagxumela kuwo.
Amaphoyisa abajahile angena nawo ngaphakathi, abopha abasolwa abahlanu phakathi emfuleni kanti abanye ababili baboshwe emzini wenyanga.
Kutholakale isibhamu sohlobo lwe-9mm kanye nephakethe elisongiwe elisuka enkampanini yonogada endlini yenyanga.
“Okwamanje amaphoyisa athungatha isikhwama ebesinemali kanye nezibhamu eziphonswe emfuleni ngabasolwa ngesikhathi bebaleka endaweni yesigameko,” kusho uMbele.
Ubuye wengeza ngokuthi abasolwa kungenzeka ukuthi bamataniswe namacala amabili okuphanga, enzeke eMnambithi nase-Winterton.
“Kusolakala ukuthi ngomhla zinhlanu kuNtulikazi ngowezi-2021 ngo-12: 35, iqembu lamadoda abehlomile langena esitolo esiku-Springfield Road e-Winterton lafuna imali nomakhalekhukhwini kubasebenzi.”
Ngokusho kukaMbele, isigameko sesithathu senzeka ngomhla zinhlanu kuNtulikazi ngowezi-2021, ngesikhathi abasolwa bebamba iveni lonogada inkunzi bantshontsha imali engadalulwanga.
Abasolwa, ababhekene namacala okuphanga nelokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni, bazovela enkantolo kungekudala.