Lubhalwe nguZukile Majova
Umbimbi lwe-ANC ne-EFF lokuhlela ukuphatha uMasipala wase-Ekurhuleni luyaqhubeka kulandela ukuqondiswa kwezigwegwe komholi we-ANC esifundeni uMzwandile Masina.
UMasina ubhidlize isivumelwano sangaphambilini phakathi kwala maqembu womabili ngokubukela phansi imiyalelo yobuholi be-ANC e-Gauteng yokuthi angasifaki isicelo sokungabethembi ubuholi be-DA bukaTania Campbell nokungafaki umuntu ozongenela ukhetho ku-ANC esikhathini esizayo uma sekuvotelwa lesi sikhundla.
Lokhu kuzovula indlela yokuthi i-EFF yethule ilungu layo elizongena esikhundleni sobuMeya bese belawula uMasipala.
Ukuhlehla emuva kucishe kwayiphusha i-EFF kumfelandawonye okuyisinqumo esizolahlekisela i-ANC ikusasa likaMasipala wase-Tshwane onemali engu-R45 billion kanye nedolobha laseGoli eliphethe u-R77 billion.
NgoLwesine, isigungu se-ANC esiholwa nguNdunankulu uPanyaza Lesufi sithole incwadi yokwesula ephuma kwikhansela uMasina kanye nokuxolisa ngokuphoxa iqembu.
UNdunankulu uLesufi utshele abezindaba ukuthi i-ANC isizoba nezingxoxo namanye amadlelandawonye eGoli nase-Ekurhuleni.
“IGoli liyahlangana futhi ngigijimela khona ukuyobheka ikhokhasi yethu mayelana nezingxoxo namanye amaqembu ezepolitiki.”
“Besingakaziqali izingxoxo ne-EFF namanye amadlelandawonye, kodwa sifuna ukuholwa ngozakwethu. Asifuni kube enye inhlangano.”
UMasina ungumlandeli oqavile weqembu elimelene noCyril Ramaphosa ku-ANC futhi ubezohlala efaka izinkinga kuLesufi ongumngane omkhulu kaMengameli.
Lowo owayeyiMeya yase-Ekurhuleni manje kulindeleke ukuthi angenele ukhetho lokuba nguMgcinimafa-jikelele we-ANC engqungqutheleni yokukhetha ubuholi ezoba ngomhlaka-16 kuya kumhlaka-20 kuZibandlela.
Lona ngumncintiswano, kodwa mancane amathuba okuthi awunqobe njengoba ethole isibalo esincane kakhulu samagatsha aphakanyiselwe kulesi sikhundla (248) uma kuqhathaniswa noPule Mabe oqokwe abangu-428 kanye noBenjamin Chauke oqokwe abantu abangu-552.
Esithombeni esingenhla owayeyiMeya yase-EKurhuleni uMzwandile Masina owesule esikhundleni sokuba ikhansela le-ANC kulandela umhlangano wabaholi be-ANC e-Gauteng.
Umthombo wesithombe: @mzwandilemasina