UMusa Khawula uvalelwe ejele ngemuva kokuvela eNkantolo

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

UMusa Khawula ongusaziwayo ezinkundleni zokuxhumana ugcinwe ejele ngemuva kokuboshelwa ukubhala imibhalo engemihle ngosomabhizinisi ku-inthanethi.

UKhawula, obhekene namanye amacala abucayi okubalwa nelokubulala, uzofaka isicelo sebheyili ngomhlaka-21 kuMasingana.

Usaziwayo ezinkundleni zokuxhumana, uMusa Khawula usephinde waphambana nomthetho.

Kulokhu uchitha isonto ezitokisini zamaphoyisa ngemuva kokuthi iNkantolo yesiFunda yase-Randburg idlulisele usuku lokulalelwa kwesicelo sakhe sebheyili laba ngomhlaka-21 kuMasingana.

Umsolwa (33), ubeseNkantolo ngoLwesibili ngzokubhala imibhalo eyingozi ezinkundleni zokuxhumana kanye nenkulumo enenzondo.

UKhawula wabhala ngosomabhizinisi uZee Nxumalo ezinkundleni zokuxhumana ngomhlaka-10 no-12 ngoMfumfu ka-2024. Imibhalo ibihlose ukulimaza isithunzi sikaNxumalo.

Kamuva wakhipha umbhalo wakhe ku-akhawunti yakhe ku-X.

Okhulumela i-NPA e-Gauteng, uPhindi Mjonondwane, uthe abashushisi balwile nebheyili ngoba uKhawula unecala lokubulala elise-Free State.

“Amaphoyisa asazoqinisekisa ukuthi ungubani kanye nekheli lendawo yakhe ukuze akwazi ukuhlanganisa isitatimende esiphelele ukuze afake isicelo sebheyili,” usho kanje.

“Okulandelayo, uKhawula ugcinwe esitokisini samaphoyisa ngaphandle kwebheyili kuze kube umhlaka-21 kuMasingana lapho kuzolalelwa khona isicelo sebheyili.”

Kudingeka futhi aphendule ngokushayela okuyingozi kwelinye icala.

UKhawula ozibiza ngo “Pope of pop Culture” udume ngokufaka izindaba ezishaqisayo ngosaziwayo nosomabhizinisi ezinkundleni zokuxhumana.

Naphezu kwezinsongo eziningi zokuthathelwa izinyathelo zomthetho eminyakeni edlule, ubelokhu ebhala ngezimpilo zabantu zangasese.

Osesithombeni esingenhla: UMusa Khawula.

Umthombo: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva