Lubhalwe nguRorisang Modiba
UMusawenkosi “Musa” Khawula ozibize ngo “Pope of Pop Culture uboshwe eNkantolo yeMantshi yaseVredenburg, eWestern Cape, ngemuva kokuhluleka ukuvela kwakhe enkantolo ngecala lombango eGauteng.
UKhawula odume ngokubhala ekhasini lakhe le-X, uboshwe ngesikhathi ehambele icala lokubulawa kwesoka lakhe ngoNdasa ka-2022, kubika i-Daily Sun.
Icala lombango liphuma ezinsolweni uKhawula azenza kuNozuko Mbalula, unkosikazi kaNobhala-Jikelele we-ANC uFikile Mbalula, kanye nozakwabo kwezamabhizinisi uMichelle Perrow ngoNhlaba.
U-Eric Ntabazalila, okhulumela iNational Prosecuting Authority, uthe: “Usheriff wenkantolo uthe unencwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe [uKhawula] ngecala lombango eGauteng. Wabe eseboshwa enkantolo eVredenburg. Icala lakhe lihlehliselwe umhlaka-7 kuNcwaba ukuze libuyekezwe.”
Umbiko uthe uKhawula akakakutholi ukumelwa ngokomthetho kulandela ukuhoxa kowayengummeli wakhe kuleli cala.
Lo mbhali uvele enkantolo ngezinsolo zokugwaza abulale uWandile Khambule eVredenburg ngomhlaka-4 kuNdasa ka-2022.
Osesithombeni esingenhla: UMusawenkosi ‘Musa’ Khawula.
Umthombo: X