Umunyu umdlali eshona ngemuva kokuquleka bezilolonga 

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Akasekho emhlabeni ukaputeni we-Richards Bay Football Club uSiphamandla Mtolo, udlule emhlabeni ngoLwesibili ekuseni ngemuva kokuquleka ngesikhathi bezilolonga.

Lo mdlali (29) udlale yonke imizuzu engu-90 ngesikhathi behlulwa iKaizer Chiefs ngempelasonto kanti usedlale imidlalo eyisithupha kule sizini. Iqembu lakhe liqinisekise izindaba zokushona kwakhe.

“Kusizwisa ubuhlungu obukhulu ukumemezela ukuthi iqembu leRichards Bay Football Club selilahlekelwe ngomunye wabadlali bayo basesiswini, uSiphamandla ‘Spepe’ Mtolo oquleke ekuseni ngesikhathi bezilolonga,” kusho isitatimende seqembu.

Iqembu lithe alikho esimeni sokunikeza eminye imininingwane ngokushona kwalo mdlali. Liphinde lacela ukuthi kuhlonishwe umndenj wakaMtolo kulesimo abadlula kuso njengamanje.

“Ukuba khona kwakhe ngaphakathi nangaphandle kwenkundla kuzokukhumbuleka kakhulu. Imicabango nemikhuleko yawo wonke umuntu oseqenjini leRichards Bay Football Club ikumndeni wakhe, abangani kanye nabathandiweyo bakhe,” ngokubhalwa kwesitatimende.

Osesithombeni esingenhla: USiphamandla Mtolo

Umthombo wesithombe: @safootclassics

Izihloko zakamuva