Umunyu kweyesikhumbuzo somfundi obulewe

Lubhalwe nguZavela Makwabe noSongeziwe Mapukata

Ngesikhathi bezwa ubuhlungu bengazi ukuthi kumele bathini baqale ingoma ebizobaduduza izinhliziyo.

“Unabantu bakho Thixo ngamaxesha onke.” Leli ihubo elijulile elikwikhasi u-259 elivela kwi-Presbyterian Hymn Book. Kusho ukuthi, “Nkulunkulu unathi ngaso sonke isikhathi.”

Ngaphandle, emgwaqeni wase-Polar Park e- King William’s Town, isixuku sabafundi, othisha, abazali kanye namalungu omphakathi base mthandazweni becela uNkulunkulu ukuba angenelele aphinde abapholise izinhliziyo namanxeba.

Umphakathi ushaqekile futhi udinwe ugane unwabu ngokubulawa kukaKwalunga Mbatha ngoMgqibelo.

Baqale bahlangana e-Moses Twebe Great Hall ngaphambi kokudlulela endaweni yesigameko emizini emithathu nje ukusuka kwaKwalunga. Ukuvakashela endaweni yesigameko ashonele kuyo bekuhanjelwe ngisho nabadlali bebhola bamaqembu amancane ahlukene emphakathini.

Udutshulwe ngumuntu ongaziwa obehamba ngemoto. Umsolwa ube esephuma emotweni wamudubula amahlandla amabili ekhanda ngaphambi kokuba abaleke.

UThishomkhulu wase-Richard Varha SSS, uMnu Sicelo Adonis, uthe bathwale kanzima behlisa umoya kothisha kanye nabanye abafundi abakumatikuletsheni.

U-Adonis uthe kubuhlungu ukulahlekelwa umfundi obezimisele kangaka.

“Ubenekhono elimangalisayo kwizibalo nezifundo zesayensi. Othisha bebemkhonzile ngoba ubezithobile futhi kubukeka sengathi bonke abafundi afunda nabo kwamatikuletsheni bebemthanda kakhulu,” kusho u-Adonis.

“Umphakathi ubumhlonipha njengomdlali webhola onekhono.”

U-Adonis uthe ubona ikusasa likaKwalunga kwezobunjiniyela njengoba ubenza i-physics nakuba umfana ubenentshisekelo yokuba udokotela.

UNgqongqoshe wezeMfundo e-Eastern Cape, uFundile Gade, uvakashele lesi sikole nomndeni ngemuva kwenkonzo.

“Sonke sizoshona, kodwa ngezikhathi ezahlukene nangezizathu ezahlukene futhi lokho kuyiqiniso kumele sikulungiselele,” kusho uGade.

“Kumele sizame ukuthola ukuthula futhi samukele okwenzekile.”

Inkonzo yesikhumbuzo sikaKwalunga ibanjwe ngoLwesibili esikoleni.

“UNdodomzi” obekuyigama abedume ngalo kumndeni wakhe uzofihlwa ngoMgqibelo e-Dimbaza King William’s Town.

Umndeni utshele i-Scrolla.Africa ukuthi kuvulwe icala, kodwa amaphoyisa abengakakuqinisekisi lokho.

Amazwibela: Abafundi, abazali, othisha kanye nomphakathi bebebumbene ngosizi

Umthombo wevidiyo: UZavela Makwabe

Izihloko zakamuva