Umunyu kweyesikhumbuzo saKatlego Bereng 

Lubhalwe nguBecker Semela

UMonica Matsie ongunina kaKatlego Bereng ukhale kabuhlungu enkonzweni yesikhumbuzo sendodana yakhe e-Bloemfontein ngeledlule.

Bebebaningi abebethamele inkonzo yale ndoda amaphoyisa athi yasetshenziswa ekweqeni kukaThabo Bester ejele lase-Mangaung mhla zintathu kuNhlaba nyakenye.

Le nkonzo ibihlelwe abalandeli beqembu lebhola likanobhutshuzwayo iBloemfontein Celtics elaziwa ngeSiwelele saMasele. Le nkonzo ibibanjelwe e-Mahube Tumelo eHamilton Industrial. Umama kaBereng ungene ehholo esekelwe amalungu omndeni ngesikhathi abalandeli beqembu becula ngemuva kwabo.

UMatsie uye waquleka wangeniswa esibhedlela ngesonto eledlule ngemuva kokuya emakhazeni kahulumeni eyobona amathambo endodana yakhe. Kuye kwadingeka ukuthi aphinde abuyele esibhedlela futhi ngemuva kwesonto ngesikhathi evakashele umndeni.

Abalandeli beCeltic abakhulumile bachaze uBereng njengelungu ebelikhuthele ebelisebenza kanzima ukuhlela imihlangano yeqembu, uhambo lokuya emidlalweni yebhola kanye nokuqoqa abalandeli.

USihlalo kazwelonke weSiwelele saMasele, uPule Mabena uchaze uBereng njengomlandeli wokuqina obehlezi egqugquzela abanye abalandeli ukuthi bagqoke imibala yeCeltic eluhlaza nemhlophe.

UBereng ubeyiphini likasihlalo wegatsha lase-Kopanong. “Ubemncane kunabo bonke esigungwini segatsha lakhe iminyaka engaphezu kwemine futhi ubeyilungu elizinikele elihlonipha wonke umuntu,” kusho uMabena.

UMabena uthe abalandeli baleli qembu bazoqhubeka nokweseka umndeni uze uthole izimpendulo. Bazohlala ngaphandle kwenkantolo ngesonto elizayo uma abasolwa abayisithupha okuhlanganisa nesithandwa sikaThabo Bester, uDkt Nandipha Magudumana bevela enkantolo kamantshi bezofaka isicelo sebheyili.

Umngcwabo kaBereng ubungeSonto e-Bloemfontein.

Lolu daba luqale lashicilelwa i-GroundUp

Izihloko zakamuva