Umunyu kungcwatshwa amalungu omndeni abulawe izikhukhula

Sihle Mkhize

Kube umunyu ngesikhathi kubekwa amalungu amahlanu omndeni wakwaJikela ngeSonto.

Umama uBonakele obeneminyaka engu-37 izingane zakhe u-Akhile noZekhethelo abebeneminyaka engu-12, uYenzokuhle Jileka obeneminyaka eyisishiyagalolunye no-Elimiyo obeneminyaka emibili bonke bagugulwe amanzi ezikhukhula belele endlini yabo yomxhaso eNdwedwe.

Amehlo abo abegcwele izinyembezi njengoba bebebuka kuqhubeka lomngcwabo amabhokisi omngcwabo kamama nezingane zakhe ezine abebekwe ngokulandelana eduze kwesiteji sehholo.

Bonke abakhulumile bebekhala ngobuhlungu obudalwe izikhukhula emindenini.

“Uzalo lukaBonakele luphelile nje ngosuku olulodwa. Lokhu kubuhlungu kakhulu,” kusho esinye isikhulumi.

Ilungu lomndeni elisindile uNombulelo Nhlangulela udalule ngokusinda kwakhe okuyisimangaliso ngesikhathi somngcwabo.

Ungumzala kaBonakele otholwe equlekile ngasosebeni lomfula ngemuva kokuthi umjondolo abelele kuwo ugugulwe izikhukhula.

“Ngaya endlini ababelele kuyo ngiyobheka ukuthi konke kuhamba kahle ngaphambi kokuthi ngilale. Nemvula yayina emnyango kanti ngangingazi ukuthi ngibabona okokugcina bephila,” kusho uNombulelo

Ngesikhathi ephinda evula amehlo uthe ubemanzi te ephelelwa amandla elele osebeni lomfula lapho abonwa khona ngamalungu omphakathi amsiza.

“Namanje angazi ukuthi ngisinde kanjani kodwa ngiyabonga,” kuchaza umzala kaBonakele.

Uthe akazi ukuthi impilo izoba njani ngaphandle kwamalungu omndeni wakhe.

Unikezwe indawo yokukhosela okwesikhashana nguMasipala futhi unethemba lokuthi uzolulama ekulahlekelweni kwakhe aphinde akhe impilo yakhe ekhumbula abazala bakhe kanye nobabekazi wakhe. 

Izihloko zakamuva