Umunyu kubulawa izelamani kweyokucima ukoma

Everson Luhanga

Izelamani ezimbili nomzala wazo beziphakathi kwabantu abangu-15 abadutshulwe babulawa endaweni yokucima ukoma e-Soweto ngeSonto ekuseni.

UThasanqa Malunga obeneminyaka engu-24 umfowabo uNkosi obeneminyaka engu-25 nomzala wabo uBoyboy Malunga obeneminyaka engu-26 bashonele esibhedlela ngenxa yokudutshulwa.

Komunye umndeni kuphinde kwadutshulwa kwabulawa izelamani ezimbili uLuyanda obeneminyaka engu-17 noSthembiso Mjoli obeneminyaka engu-34 ethaveni yaseNomzamo.

Okhulumela umndeni wakwaMalunga iphoyisa likaMasipala waseGoli uGugulethu Mbhele uthe umndeni ukhungathekile.

“Angikaze ngibone izidumbu ezingaka endaweni eyodwa,” kusho uMbhele.

“Bekunezidumbu ezimbili esangweni ethaveni negazi yonke indawo.

“Ngaphakathi ethaveni ngibone abantu abayishumi abanye benamanxeba asabekayo ngenxa yokuqhuma kwezibhamu.”

Ubehleli nabo bobathathu abazala emini futhi ubebathengele nezinto ezincane zasendlini. “Ngizishiye ekhaya izimpahla ekhaya futhi wonke umuntu ubejabulile.”

Ngokuhamba kwesikhathi ebusuku ngehora leshumi uthole ucingo oluthi akaphuthume ethaveni yaseNomzamo lapho abazala bakhe babeyophuza khona.

“Ngisathuthumela ngemuva kwalokhu engikubonile futhi umndeni awukholwa ngokwenzekile,” kusho UMbhele. 

UMbuyiselo Mjoli oshonelwe abashana ababili utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ubelele ngesikhathi ezwa kuqhuma isibhamu ethaveni eseduze. Uthe ubezitshela ukuthi abantu abazigangelayo abahlezi beqhumisa izibhamu nsuku zonke.

Kodwa-ke izinga lokuqhuma kwesibhamu kaningi yikhona okuqale ukumkhathaza. Ube esezwa ukuthi ziqhuma ethaveni yaseNomzamo eseduze lapho abashana bakhe ababili bebeyophuza khona.

“Angikwazanga ukulala ngemuva kokuzwa ukuqhuma kwesibhamu. Ngiye kuyise wabafana sazama ukubafonela sobabili kodwa bangalubamba ucingo,” kusho uMjoli.

Uthe ukukhathazeka kwakhe kuqinisekiswe ngesikhathi umfowabo ethola ucingo oluvela esibhedlela bemtshela ukuthi izingane zakhe ezimbili sezishonile.

Uthe uLuyanda akaphuzi, kodwa uya ethaveni ayodlala isinukha. 

Uthe utshelwe ukuthi abesilisa abakade behlomile bagasele ezindaweni zombili okungenwa kuyo nekuphunywa kuyo.

UNksz Neziwe Nkosi (34) uthe unovalo lokuthi umzala wakhe uSenzo Nkosi angaba ngomunye wezisulu zesigameko sokudutshulwa kwabantu abaningi.

Ekhuluma ne-Scrolla.Africa uthe akukaze kwenzeke ukuthi umzala wakhe aphume ayophuza angabuyi.

“Ngemuva kokubuya emsebenzini ngoMgqibelo ebusuku ubatshele ukuthi uzoya eyophuza kanti siyazi indawo ayithandayo ikwaNomzamo.

“Akazange abuye izolo ebusuku. Asizange sikhathazeke kuze kwaba ilapho sizwa ngesigameko sokudutshulwa kwabantu abaningi endaweni yokucima ukoma.”

Uthe ngezithuba zehora lesihlanu uphuthume endaweni yesigameko, kodwa amaphoyisa awazange amvumele ukuthi asondele abone izidumbu.

Uthe uzovakashela ezibhedlela lapho abashonile baphuthunyiswe khona nasemakhazeni ukuzama ukuthola umzala wakhe.

UKhomishana wamaPhoyisa e-Gauteng uLieutenant-General Elias Mawela uthe laba besilisa bebephethe uhlobo lwezibhamu okubalwa kuzo ama-AK-47 kanye nama-9mm.

Usigxekile lesi sigameko wanxusa ithimba labaseshi eliholwa iPhini likaKhomishana wezokuVikelwa koBugebengu esifundazweni uMajor General Mbuso Khumalo ukuthi kumele basukumele lolu daba baqinisekise ukuthi abenzi bobubi bayaboshwa futhi bashushiswe.

Izihloko zakamuva