Lubhalwe nguSibongile Nonyana noKarabo Rammutla
Abangane nabafundi bebehlangene eNyuvesi yase-Tshwane yezobuchwepheshe eSoshanguve ngoLwesine bekhumbula uNtokozo Mayenzi Xaba.
Impilo yomfundi obenekusasa eliqhakazile eNyuvesi yase-Tshwane yezobuchwepheshe isheshe yanqanyulwa.
Kukholakala ukuthi ushone ngemuva kokuba yena nabangani bakhe nowayeyisoka lakhe lakudala bephume beyozijabulisa mhla zizinye kuNhlolanja. Kamuva ngalolo suku ngesikhathi befika endaweni ababehlala kuyo, owayeyisoka lakhe kubikwa ukuthi wacela ukukhuluma naye ngasese.
Ngakusasa ekuseni, watholwa eshonile endaweni ahlala kuyo eKhaya Junction enamanxeba okugwazwa emzimbeni wakhe.
NgoLwesine, kubanjwe inkonzo yesikhumbuzo sikaNtokozo (21).
Abafundi bebegqoke izikibha ezinobuso bukaXaba.
Izikhulumi bezilandelana zibalula izinga eliphezulu lodlame olubhekiswe kwabesifazane.
Umngani kaXaba, uBenzile Mtambo uthe ubazi ukuthi lobu budlelwano buyingozi kodwa akukaze kungene emqondweni wakhe ukuthi lo owayeyisoka angenza lesi senzo esinyantisa kangaka.
Uzisola kakhulu ngokungahlali noXaba ngesikhathi isoka lakhe lakudala licela ukukhuluma naye yedwa.
“Ngambuza ukuthi ngimlinde noma ngihambe naye wathi kulungile angihambe,” kusho uBhenzile.
UMengameli woMkhandlu Omele Isikole, uSizwe Nyambi ukhwele wadilika emaphoyiseni angazange enze lutho ngesikhathi uXaba eqala ukuya kuwo ethi umsolwa umhlukumezile.
Uxwayise bonke abafundi besilisa ukuthi uma engezwa isigameko esifuze lesi esithinta noma imuphi umfundi wesifazane kuzoshuba.”
“Ngeke sisakwazi ukubekezelela ukuhlukunyezwa okubhekene nabafundi besifazane esikanye nabo. Ngithukuthele kakhulu futhi angikwazi ukubamba intukuthelo yami. Sizolwa futhi siqinisekise ukuthi ummangalelwa akayitholi ibheyili, uma kwenzeka eyithola sizobhekana naye ngendlela esibona imfanele,” kusho uNyambi.
Umsolwa uzovela ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yasePitoli ngoMsombuluko ngomhlaka-13 kuNhlolanja.
Esithombeni esingenhla: Ukubulawa kukaNtokozo Mayenzi Xaba okushukumise abangani bakhe ukuba babhikishe ngokumelene nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane
Umthombo wesithombe: Facebook