Umunyu bevalelisa kuGold Fingers

Lubhalwe nguKarabo Rammutla

Yize belina imvula enamandla, kodwa imimoya yabalandeli beMamelodi Sundowns ibithobekile ngesikhathi bevalelisa isikhulu sezokuxhumana u-Alex Shakoane.

Inkonzo yomngcwabo ebibanjelwe ebandleni i-Assemblies of God endaweni kaShakoane e-Mamelodi, kuhlonishwe impilo yowesilisa obezinikele ebholeni leSundowns.

UShakoane olwe nesifo sohlangothi isikhathi eside, udlule emhlabeni ngeledlule washiya isikhala esikhulu emndenini wakhe, abangani nomphakathi weSundowns.

Kule nkonzo bekukhona izikhuli okubalwa uPatrice Motsepe, uNdunankulu wase-Gauteng uPanyaza Lesufi, abadlali bebhola abaziwayo nezikhulu zamaqembu ebhola ezihlukene okuhlanganisa nesikhulu seKaizer Chiefs uBobby Motaung.

Kodwa umngcwabo uke waba nesixakaxaka njengoba lowo owayeyisikhulu se-public relations officer ku-Kaizer Chiefs, uLouis Tshakoane ethathwe amaphoyisa ngemuva nje kwenkulumo yakhe.

Uboshelwe ukukhwabanisa ngemuva kokugwema ukuboshwa ngamaphoyisa iminyaka emine edlule.

Izikhulumi bezishintshana, zikhombisa uthando olujulile lukaShakoane lomdlalo omuhle nokwethembeka okungaguquki kuSundowns.

Ekhuluma ngoyise ongasekho, uLerato Shakoane uzwakalise ukuphatheka kabi ngokubona ubaba wakhe owayekade enomdlandla enqotshwa izinhlungu.

“Bekungelula neze ubaba wayenamandla futhi bekunzima ngempela ukubona umuntu onomdlandla, umuntu wezemidlalo ebuthaka futhi ekhala izinyembezi.”

ULerato uphinde wayijabulela inkumbulo yokuchitha uKhisimusi noyise, etshela isixuku ngokubaluleka kwawo njengesiko lomndeni.

Babengazi ukuthi kuzoba uKhisimusi wabo wokugcina bendawonye ​​njengoba uShakoane eshaywe isifo sohlangothi ezinsukwini ezimbili kamuva ngomhlaka-27.

OwayenguSihlalo uPatrice Motsepe uveze ukuthakasela kwakhe ukwazana noShakoane.

UMotsepe udalule ukuthi, “Bengingakaze ngimuzwe u-Alex esho into engeyinhle. Wayehlale enethemba. Akukho okwakungamqeda amandla futhi ubehlale esakaza uthando nethemba. Ngokuhlonipha  yena, kufanele sithandane.”

Abadlali bakudala nabamanje nabo bakhumbule ukuhlangana kwabo okokuqala noShakoane bejoyina iSundowns.

Bamchaze njengomuntu owayebakhuthaza njalo ukuthi baphokophelele ukulwela indawo yabo enkundleni nangaphandle kwenkundla.

Isithombe esingenhla: Inkonzo yomngcwabo

Umthombo wesithombe: UKarabo Rammutla

Izihloko zakamuva