Umunyu beqopha uzakwabo engasekho eseshonile

Linda Ximba

Afikelwe umunyu amalungu amabili e-Afro Soul ngesikhathu ebuyela okokuqala esitudiyo eyoqopha ngaphandle kukaSergeant Malishe ongasekho.

UMalishe ubeyilungu leqembu elinethonya elidlule emhlabeni nyakenye ngenxa yezinkinga ezihlobene ne-Covid.

Ukushona kwakhe kushiye uSabelo Ngema noThandeka Zulu bebodwa. 

UNgema uthe ngemuva kokuzilela uMalishe abebemthatha njengobhuti bacabange ukuthi uhlelo kumele luqhubeke.

“Besingazi ukuthi sizonqotshwa imizwa uma singena esitudiyo. Bekuyisimanga futhi kuxakile ukuba khona ngaphandle kwakhe. Inkumbulo yezikhathi zethu ezimnandi sizilolongela nokujikijela namahlaya zibuye njengoba zinjalo futhi sazithola sesikhala, “ kusho uNgema.

UThandeka Zulu ophinde abe ngumlingisi emdlalweni Uzalo naseHostela, uthe isikhala sikaMalishe besingakavalwa muntu futhi bayangabaza ukuthi bazomthola omunye ofana naye.

“Yingakho sinqume ukuthi siqhubeke sobabili nje. UMalishe wayemangalisa futhi enamakhono amaningi.

“Ngosuku lokuqala, sibuyele esitudiyo, asikwazanga ukuzilolonga. Kodwa sibonga uNkulunkulu ngokuthi usinike isibindi sokusebenza ngosuku olulandelayo.”

Leli qembu elidume ngezingoma ezithi Inkomo “Yami” elike lacula kwi-Essence Festival eMelika lithe selikhiphe ingoma ethi “Hamb’ekhaya”.

Ingoma ikhuluma ngezithandani ezilalayo. Lo wesifazane usekhathele indlela abaphila ngayo manje ucela owesilisa ukuthi aye kubazali bakhe ayomlobola.

Leli qembu lithe lizoze likhiphe icwecwe eliphelele ngoNhlolanja ozayo, elizobe linezingoma elazenza noMalishe esaphila.

Uma engekho matasa nokuqopha umculo noma ukuya emakilasini okulingisa e-Ikabawo Performing Arts Academy, uZulu utholakala eshutha uchungechunge lwemidlalo ye-TV namafilimu akuMzansi Magic.

Izihloko zakamuva