Dylan Bettencourt
UZandile Ndhlovu ushintsha izinto emhlabeni wokutshuza njengomqeqeshi wokuqala omnyama otshuza ngokukhululeka futhi ungumsunguli we-Black Mermaid Foundation.
Ukutshuza ngokukhululekile kuyisenzo sokubamba umoya wakho nokubhukuda olwandle ngaphandle kwethangi lomoya-mpilo. UNdhlovu utshuza emagagasini ngokushintsha indlela izingane ezibheka ngayo abatshuzayo.
“Ngihambisana kakhulu nomcabango we-‘Black Mermaid ‘ngokomzimba,” kusho uNdhlovu.
“Ngisakhula, bebengekho abantu abatshuzayo ebebebukeka njengami. Ngubani owayengacabanga ukuthi ngizoba omunye ngokusemthethweni?”
UNdhlovu uhlala e-Sodwana Bay, eyaziwa njengenye yezindawo zokutshuza ezihamba phambili eNingizimu Afrika. Izilwandle zimibalabala nezinhlobo eziningi ezahlukahlukene zamakhorali nezinhlanzi kubandakanya amahlengethwa asebhodleleni, ama-manta rays kanye noshaka.
“Ngiyakhumbula ngesikhathi ngiqala ukutshuza ngavala amehlo ngalalela imisindo eminandi yemikhomo. Ngenkathi ngifika ezansi, ngaqalaza ngazibuza ukuthi zikuphi?”
Uthe ukulalela izingoma zemikhomo kumnandi. Awuphefumuli, kodwa unephakade. Awunamkhawulo”.
UNdhlovu ulwela ukushintsha umlando wokuthi ngubani osebenzisa ulwandle. Uthe isikhathi eside abantu abamnyama baseNingizimu Afrika bebengenayo imvume yokuya olwandle. Ukhuthaza abantu abamnyama abaningi ukuthi bazizwe bekhululekile emanzini.
IBlack Mermaid ithe ngemuva kweminyaka yonke itshuza e-Sodwana, manje ibhekene nezinguquko kwezemvelo njengokufa kwamakhorali kanye nokubona ukungcola kopulasitiki.
Usebenza nezikole eziningana ezahlukahlukene ukuqwashisa ngolwandle nokuthi lungavikelwa kanjani kangcono. Ubuye afundise izingane ngezindlela ezahlukahlukene zomsebenzi ezibandakanya ulwandle njenge-biology yasolwandle kanye nokongiwa kwemvelo.
“Ngifuna abantu abancane bakholelwe ekutheni lezi zilwandle ngezabo ngoba yibo abazozivikela uma sesihambile,” esho.
Umthombo wesithombe: @CNN