Umthwebuli wezithombe usemele i-MK eSishayamthetho 

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Obengumthwebuli wezithombe odumile KwaZulu-Natal ulaxaze umsebenzi wakhe ngemuva kokuqokelwa ukuba ilungu leSishayamthetho saKwaZulu-Natal elimele iqembu uMkhonto weSizwe. 

UMnuz Siphiwe Moyo ufungiswe kanye namalungu afakwe ohlwini ngemuva kokukhishwa kwalaba ababehambisana noMnuz Nhlanhla Ngidi obenguMqondisi-Jikelele kuHulumeni wesiFundazwe.

UMoyo uthe akukho abengakwenza ngaphandle kokuthi ashiye phansi umsebenzi abesewenze iminyaka nobusumakhele igama ngakubo e-Newcastle nakuhulumeni wesifundazwe KwaZulu-Natal.

“Ngithathe isinqumo sokuba ngifake indodana yami ukuba iqhubeke nawo umsebenzi ngoba mina sengizogxila eSishayamthetho. Akukho ebengingakwenza ngoba osekubalulekile ukusebenzela abantu bakithi,” kusho uMoyo.

NgoMgqibelo ubeswenke econsa emcimbini wamalobolo kaNksz Nokuthula Nox Khasibe noMnuz George Ngwenya e-Waterloo eThekwini. 

Ubebukela indodana yakhe imatasa nomsebenzi ithwebula izithombe yena ezihlalele nezicukuthwane.

UMoyo ufungiswe kanye nowayenguMphathi wakhe ayemthwebula izithombe eMnyangweni wezeMpilo ngonyaka owedlule okunguNkk Nomagugu maSimelane-Mngadi. 

Ngalolo suku lokufungiswa naye wayematasa ephakamisa efuna kuguqulwe indlela okwakuvotwa ngayo.

Wathi uma eqeda kwasukuma owayenguMphathi wakhe ohlangothini lwe-ANC waphakamisa usenguNdunankulu wesiFundazwe manje, uMnuz Thami Ntuli, ukuba kukhethwe yena.

Izihloko zakamuva