Dylan Bettencourt
Kwiphrojekthi entsha emangazayo, umthwebuli wezithombe u-Andrew Esiebo uhloniphe ithimba lase-Nigeria elilwisana ne-Covid-19 njengamaqhawe ngesikhathi sokuqala kwalolu bhubhane.
Ngesikhathi ethwebula lezi thombe, u-Esiebo uzamile ukuveza isililo sabasebenzi bezempilo sokuthi umphakathi udlale indima yawo ukulwisana nalesi sifo. La kwakuyisikhathi lapho babembalwa kakhulu ababelandela imithetho ye-Covid-19 njengokugqoka izifonyo nokuqhelelana
U-Esiebo, naye owake wabe ne-Covid, uthe: “Ngesikhathi ngizama ukululama ekhaya, ngazibonela mathupha, hhayi nje njengomthwebuli wezithombe, kodwa njengesiguli inselelo enkulu ebhekene nezinsizakalo zezempilo zase-Nigeria.”
Uqhubeke wathi uthathe izithombe ehlonipha abasebenzi abaqhubeka nokubamba iqhaza esenzweni sokuzidela sokusiza umphakathi nsuku zonke, yize bebhekene nezingqinamba ezinkulu.
U-Esiebo uthwebule abasebenzi waveza izithombe zangaphambilini nezamanje ngemuva kwalokho, wabathwebula begqoke izingubo zabo zansuku zonke kanye nezingubo zabo zomsebenzi.
“Ngibaveze bematasa nomsebenzi wabo wansuku zonke” kusho umthwebuli wezithombe.
Izithombe zitholwe ku: @WashingtonPost