Mbuso Nwayila
UNyiko Masango owaziwa ngelikaMnumzane uDynamix, waziwa kakhulu ngothando lwakhe lokuthwebula izithombe ngekhamera yakhe.
Uthando lukaMasango lokuthwebula izithombe lwaqala kusukela eminyakeni yakhe esakhula, elokishini azalelwa futhi wakhula kulo e-Nkowankowa e-Limpopo.
Ukholelwa kwisisho sakudala esithi “isithombe silingana namagama ayizinkulungwane”.
Engxoxweni abe nayo ne-Scrollla.Africa uthe uyakuthanda ukuthwebula izithombe zemvelo futhi ubehlale eboleka ikhamera kubazala bakhe njalo uma ehambe nesikole.
Kamuva wabeka imali eyanele ukuze azithengele eyakhe ikhamera.
“Ngaqala ngekhamera esebenzisa ifilimu, ngase ngeza ngeyedijithali, ngaya ku-DSLR (olunye uhlobo lwekhamera yedijithali), manje sengisebenzisa umakhalekhukhwini. Kuyimanje ngenza izithombe ngomakhalekhukhwini ngoba kumina kuba lula, awudingi ukubhekana nemishini emikhulu uma uya emicimbini,” usho kanje.
UMasango uchaze ukuthi uma unomakhalekhukhwini omuhle futhi unekhamera esezingeni eliphezulu, ungathatha izithombe ezinhle kakhulu – kodwa lokho akubalulekile.
“Umakhalekhukhwini ovamile ungathatha izithombe ezinhle uma ukwazi ukufreyima nokuhlanganisa izithombe zakho,” kodwa asikho isidingo kangako esho.
Wathwebula i-Mount Kilimanjaro ngonyaka ka-2019 futhi waqopha umlando omusha eNingizimu Afrika njengoba wagibela intaba ephakeme kunazo zonke e-Afrika ngamahora angu-12 nje kuphela.
Kusasele isonto ukuthi akhuphuke, wahamba ngebhayisikili amakhilomitha angaphezu kuka-3400 esuka e-Tzaneen eya e-Tanzania, eyolwela amalungelo obaba ukuze bathole isikhathi nezingane zabo.
Manje njalo ngonyaka uMasango uhola uhambo luka-100km elisuka e-Polokwane liya e-Tzaneen ukuyokhuthaza ukuba umzali okhuthele ngomkhankaso wakhe othi “Presence to Fatherhood.”
NgoMfumfu wengeze kulokho akufezile ngokunyuka iziqongo ezintathu zezintaba eziphakeme kunazo zonke eNingizimu Afrika ngezinsuku eziyisikhombisa nje kuphela: i-Mafadi Peak engu-3540m ngaphezu kogu lolwandle; I-DeBerg engu-2330m; kanye ne-Iron Crown e-Haenertsburg e-Wolkberg Mountains endaweni engu-2120m.