Umthungi wezicathulo wenze izicathulo ezinkulu ze-Covid

Arthur Greene

Ngemuva kokuthi umthungi wezicathulo wase-Romania eqaphele ukuthi abantu nemiphakathi bebengayithatheli phezulu imigomo nemithetho ye-Covid-19, uvele wenza izicathulo ezizobaphoqa.

UGrigore Lup ubelokhu enza izicathulo zesikhumba iminyaka engama-39, kodwa ngowe-2020 wenza ama-brogue esikhumba okuqala ngqa.

Izicathulo zenziwe cishe amasentimitha ayikhulu lesikhumba, futhi zenzelwe ukuvikela abagqoki bazo ukuthi bangasondeli kakhulu kwabanye.

“Uma abantu ababili begqoke lezi zicathulo futhi bebhekene, kungaba nokuqhelelana cishe kwemitha elilodwa nohhafu phakathi kwabo,” kuchaza uLup.

Ngesikhathi kuhlasela ubhubhane, umthungi wezicathulo, onesitolo sakhe “esincike kakhulu kuma-order aqhamuka kwimidlalo yeshashalazi ezweni lonke” ngokusho kwe-Reuters, wabona ibhizinisi lakhe lithinteka.

Selokhu kugadle lolu bhubhane, ingcweti engusomathuba ithole indlela yokuvimbela ukusabalala kwe-Covid-19 nokwenza ngcono ibhizinisi layo ngasikhathi sinye.

ULup kubikwa ukuthi uthole ama-order amahlanu ngalezi zicathulo ezingama- $ 115, okumthatha izinsuku ezimbili ukuthi azenze.

Lokhu kusho ukuthi abantu ababili njengamanje bangama bebhekane futhi baqhelelane ngempumelelo.

Kodwa-ke, uRup usazoza nendlela yokuthi abagqoka lezi zicathulo bekwazi ukukhuphuka izitebhisi ngaphandle kokukhathazeka.

Izihloko zakamuva