“UMthokozisi ubeyisibani emndenini wethu”

Everson Luhanga

UMthokozisi Ntumba oneminyaka engama-35, uphume ekhaya ngoLwesithathu ekuseni ejabule futhi ephilile – kodwa wangabe esabuya.

Indoda edutshulwe yabulawa e-Braamfontein ngesikhathi kunombhikisho wabafundi base-Wits ichazwe njengesibani ebesikhanyisela umndeni waso.

“Ubeye emtholampilo eyohlolwa ngudokotela njengenjwayelo,” kusho umzala wakhe uSthembiso Jwara.

Unkosikazi kaMthokozisi uthole ucingo obelumazisa ukuthi umyeni wakhe useshonile. Ngaleso sikhathi izindaba zokushona kwakhe bese zisabalele ezinkundleni zokuxhumana.

“Bese kuvele sekusabalele izithombe ebesingakulungele ukuzibona,” kusho uSthembiso.

“Bukuyena umuntu obondla umndeni wakhe. Sikhungatheke kakhulu.”

UMthokozisi, obengumyeni kanye nobaba wezingane ezine, usesebenze eMnyangweni wezokuHlaliswa kwaBantu njengomhleli wezindlu zedolobha isikhathi esingaphezu kweminyaka emithathu. Ubesephothule izifundo zakhe ze-Masters’s Degree. Ingane yakhe encane inezinyanga eziyisishiyagalombili ubudala.

Umfowabo kaMthokozisi uSanele Ntumba, obephatheke kabuhlungu, wehlulekile ukuzibamba wakhala izinyembezi.

“Siphatheke kabi,” esho.

UNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele uhambele lo mndeni ngoLwesine ekuseni, ehamba noKhomishana wamaphoyisa esifundazweni uLieutenant-General Elias Mawela kanye nabaphenyi be-Independent Police Investigative Directorate.

Ekhuluma nabezindaba ngaphandle kwendlu yomndeni kaMthokozisi e-Kempton Park, uCele uthe: “Angikwazi ukukuchaza lokhu. Kube ngumuntu uvele wenza isenzo esibhedayo. ”

Umndeni wenqabile ukuphawula ngesitatimende sikangqongqoshe. Bathe bafuna izimpendulo futhi bafuna kube nobulungiswa.

Abafundi base-Wits bebelokhu bebhikisha befuna ukuthi inyuvesi ivumele bonke abafundi abanezikweletu ezindala ukuthi babhalise.

Okhulumela i-NPA South Gauteng uPhindile Mjonondwane uthe banqabile ukushushisa abafundi abayisikhombisa ababoshwe ngoLwesine ngesikhathi sombhikisho. Sebekhululiwe.

I-IPID iphenya ngokubulawa kukaMthokozisi.

Izihloko zakamuva