Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Umndeni kaMnuz Nathi Mthethwa wawuzitshela ukuthi uyoba umdlali webhola ohloniswayo kuleli ngenxa yekhona emdlalweni kanobhutshuzwayo waqanjwa igama elithi uJazzman.
Lokhu kuvezwe uyise omncane kaMthethwa okunguMnuz Musawokuphila Mthethwa ngesikhathi enengxoxo emfushane neScrolla.Africa uthe uMthethwa wayeyinkinga ebholeni kodwa kuthe ukuhamba kwesikhathi babona esengena kwezepolitiki.
“Wayeyinkinga kakhulu ebholeni njengoba nezihlwele zazihlanya uma eselithinta. Waze wathola negama sebembiza ngokuthi uJazzman ngenxa yekhono lakhe. Iqembu lakhe le bhola kwakungelakhona lapha kwaMbonambi ngaphambi kokuba bathuthele eThekwini,” kusho uyise omncane kaMthethwa.
UMthethwa wathuthela Klaarwater, eThekwini behamba nonina nezingane zakwabo esemncane.
Kwathi esuka lapho wajoyina inhlangano yakhona Klaarwater eyayilwela intuthuko.
Kuthe uma uKhongolose ubuya ekudingisweni, uMthethwa waba uNobhala wokuqala wegatsha lakhona Klaarwater.
Kuthe uma efika lapho ngeminyaka yawo-1980 wangena emzabalazweni womphakathi owawulwa nokufakwa ngaphansi kukaHulumeni waKwaZulu.
Waqhubeka wajoyina i-United Democratic Front (UDF).
Ngemuva kwalokho wakhula ezinhlakeni zikaKhongolose waze waba uNobhala wesifunda sikaKhongolose okwakuyiSouthern Natal.
Ubeyingxenye yobuholi be-ANCYL ngezikhathi zoMnuz Malusi Gigaba. Ngo-2004 waqokelwa ePhalamende waba uSihlalo weKomiti lezokuMbiwa naMandla.
Waphinde waqokelwa ukuba uSotswebhu kaKhongolose ePhalamende.
Ngo-2008 ngemuva kokuchithwa kukaMnuz Thabo Mbeki kwesobuMengameli, waqokelwa ukuba uNgqonqqoshe wezokuPhepha kuleli ,eqokwa uMnuz Kgalema Motlanthe.
Kuthe uma kungena uMnuz Jacob Zuma wabuyiselwa kulo mnyango owabe usubizwa ngokuthi owamaPhoyisa ngo-2009.
Kuthe ngo-2014 waqokelwa ukuba uNgqongqoshe wezeMidlalo, uBuCiko namaSiko.
Nakuba uMthethwa ayelwa noHulumeni kaMntwana yakwaPhindangene kodwa ugcine eshada nendodalazi kamfowabo okunguPhilisiwe kanti nguye uMntwana owayemdonsa ngesandla umaButhelezi eyomnika uMthethwa mhla beshada.
Ngemuva kwalokho ngonyaka ka-2023 ube eseqokelwa ukuba iNxusa lakuleli France okuyilapho adlulele khona emhlabeni.
Inkonzo yesikhumbuzo sakhe izoba ngoLwesine Pinetown Civic Centre kanti izobe yenziwa uKhongolose.
UMngcwabo wakhe uzoba ngeSonto kwesakwaMthethwa, kwaMbonambi.
