
Zukile Majova
Kungani uNgqongqoshe wezobuCiko, amaSiko, nezeMidlalo engaqondiswa izigwegwe?
Kuke kwaba nesikhathi kwi-ANC lapho amaqabane ayeqinisekisa abantu bangaphandle abadidwe ukuxokozela nezingxabano eqenjini le-ANC, ukuthi ekugcineni bazophumelela.”
Sezadlula lezo zinsuku. Lowo mqondo abasawusebenzisi.
Isibonelo nje kungani uNathi Mthethwa uNgqongqoshe wethu wezobuCiko, amaSiko nezeMidlalo ehlale iminyaka engu-14 njengelungu lesigungu esiphezulu ngaphandle kokuletha okuningi etafuleni.
Uqokwe njengoNgqongqoshe wezokuPhepha nokuVikela ngowayenguMengameli wezwe uKgalema Motlanthe ukuze abheke iqeqebana elaleseka uJacob Zuma elalijabulele ukunqoba ngemuva kokuketula uThabo Mbeki engqungqutheleni eyayise-Polokwane ngonyaka ka-2007.
Iminyaka emibili ngo-2005 kwakunguMthethwa nabanye ababehola ithimba laKwaZulu-Natal emkhankasweni we-100% Zuluboy owawuhlelelwe ukuhlenga isikhumba sikaZuma kwi-ANC National General Congress (NGC).
UMbeki wayesanda kumxosha njengesekela lakhe kuhulumeni ebalula ubudlelwano obunenkohlakalo phakathi kukaZuma nomeluleki wakhe wezezimali uShabir Schaik.
I-NGC bekufanele ibe inkundla yokuthi uMbeki angcwabe uZuma futhi yaba yindawo yokwethula iqhinga lakhe lokulwa.
Ngesikhathi uZuma esenguMengameli uMthethwa waba nguNgqongqoshe wamaPhoyisa ngo-2009 wagcina esenguNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko ngo-2014 kuze kube manje.
UMthethwa ubesesikhundleni samaphoyisa ngesikhathi amaphoyisa evulela ngenhlamvu kubasebenzi basezimayini abebetelekile e-Marikana kwashona abavukuzi abangu-34 kwalimala abavukuzi abangaphezu kuka-80.
Wasinda engazange abekwe icala.
Kunzima ukuxosha uMthethwa kwiKhabhinethi ngoba yena noNgqongqoshe wezokuThutha uFikile Mbalula bangena kwiKhabhinethi ngethikithi le-ANC Youth League.
UMthethwa uthathwa njeNgqongqoshe osemncane kwikhabhinethi kaRamaphosa yogogo nomkhulu.
Njengoba uMthethwa esephoxe uhulumeni kaRamaphosa ngefulegi elibiza u-R22 million, umengameli kumele amkhiphe.
Kodwa angeke.
Angeke akwazi ukuxosha omunye uNqongqoshe waseKZN ngemuva kokuxosha uNgqongqoshe wezeMpilo kuleli uZweli Mkhize owahlomula ngethenda yezokuxhumana i-Digital Vibes ka-R150 million.
Futhi njengoba sekusele izinyanga eziyisithupha ngaphambi kwengqungquthela yokukhetha ubuholi beqembu ngoZibandlela uRamaphosa akakwazi ukuxosha njengamanje.
Noma iyiphi inselelo ekubambeni kukaRamaphosa amandla izovela e-KZN kanti uMengameli usebenza kanzima ukuze athathe ihlandla lesibili ngisho noma lokho kusho ukuthi agcine amanye amalungu kaZuma etendeni lakhe.
Futhi-ke uMthethwa usaqhubeka nokusinda njenge thumba elibhibhayo entanyeni kaRamaphosa.