Lubhalwe nguKarabo Rammutla
ULindi Chauke usekhululekile ngemuva kwesinqumo senkantolo yaseGoli esiqinisekisa ukuthi bonke omama abaphuma emazweni angaphandle bengathola usizo lwezempilo lwamahhala.
Esinqumweni esikhishwe ngoLwesihlanu iNkantolo eNkulu yaseGoli iphakamise ilungelo labo bonke abesifazane abakhulelwe nabancelisayo kungakhathaliseki ubuzwe kanye nemibhalo ebhalwe phansi lokuthola izinsiza zezempilo zamahhala ezikhungweni zezempilo zomphakathi eGoli.
ULindi (29) wase-Mozambique ubelethe indodakazi yakhe ngoNhlolanja esibhedlela saseMamelodi kodwa akazange akwazi ukuphuma esibhedlela uze wasizwa umakhelwane wakhe oye wamthembisa ukuthi uzokhokha imali engu-R1 000 abeyikweleta yezinsiza zasesibhedlela.
Esaba abaqoqi bezikweletu uLindi akakaze aye esikhungweni sezempilo.
Ngalesi sinqumo senkantolo ukukhathazeka kwakhe sekuyinto yesikhathi esedlule.
“Manje indodakazi yami ngeke iphuthelwe ukugonywa,” esho.
Osonhlalakahle kanye nezinhlangano ezizimele babatshele ukuthi bengesabi ukuvakashela esibhedlela.
ULindi akasebenzi. Ulahlwe nguyise wengane yakhe owamshiya waya kumkakhe e-Mozambique.
“Ngangingazi nokuthi unonkosikazi,” esho.
Icala lihanjiswe enhlanganweni ezimele ngaphansi komthetho wesigaba 27 kanye nabanye abesifazane ababili abanqatshelwa usizo lwezempilo lwamahhala ngesikhathi bekhulelwe. Ngo-2020 uMnyango wezeMpilo eGoli wethula izinqubomgomo nemithethonqubo enqabela usizo lwezempilo lwamahhala kwabesifazane abakhulelwe nabancelisayo kanye nezingane ezincane ezifuna ukukhoseliswa uma bengenazo izincwadi noma bengabantu abaphuma emazweni angaphandle.
Inkantolo imemezele ukuthi lezi zinqubomgomo azikho emthethweni.
Manje uMnyango wezeMpilo esifundazweni kumele uchibiyele inqubomgomo yawo ungakadluli umhlaka-16 kuMfumfu kulo nyaka.
Esithombeni esingenhla: ULindi Chauke
Umthombo wesithombe: Karabo Rammutla