Umthetho omusha wokungenela izikhundla ePhalamende nakwizishayamthetho kuleli

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki

Kuzodingeka uxhaso oluncane ukudlulela phambili kodwa abavoti bakuleli sebengakwazi ukukhetha noma ngubani ukubamela ePhalamende.

Ngokwenza lokho lowo muntu angaba uMengameli olandelayo.

Ayisekho imigomo nemibandela yokuba ilungu leqembu lezepolitiki.

Kodwa kuneminye imibandela enzima.

Umbandela onzima kakhulu kuzoba ukuqoqa izinkulungwane zamagama abavoti ababhalisile, izinombolo zabo zomazisi kanye namasignesha abo.

Ukwenza isibonelo, ukuze umuntu ozimele ozinze e-Eastern Cape angenele isikhundla kuSishayamthetho sikaZwelonke uzodinga ukwesekwa abantu abangu-11,656.

Lokho u-15% wamavoti angu-77,713 abedingeka ukuze uthole indawo ephalamende e-Eastern Cape okhethweni lwango-2019.

Izabelo ezidingekayo ziyehluka ngokwezifundazwe. E-Free State kudingeka u-11,314, eGoli (13,819), KwaZulu-Natal (13,046), e-Limpopo (11,329), eMpumalanga (11,924), e-North West (10,652), e-Northern Cape (10,271) e-Western Cape (13,201).

Kodwa-ke, akudingeki ukuthi amaqembu ezepolitiki anikeze ubufakazi bokuthi izinkulungwane zizowusekela ngempela yini umgomo wawo ngaphambi kokhetho.

Umthetho omusha osayinwe kuleli sonto uvumela ukuthi noma ngubani aqokelwe esikhundleni esiphezulu ezweni ngaphandle kokujoyina iqembu lezepolitiki.

Kuthathe cishe iminyaka engu-30 ukuthi lo mthetho uphasiswe.

Futhi uma kubhekwa imibandela eyandulelayo yokuthi umuntu angenele ukhetho oluzimele, kuzothatha iminyaka eyengeziwe ukuze kuhlangatshezwane nomphumela ohlosiwe woMthethosisekelo.

UMengameli uCyril Ramaphosa ugcine esayine uMthethosivivinywa wokuchitshiyelwa kwezokhetho wanyakenye.

Waphoqwa isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo esakhishwa ngomhlaka-11 kuNhlangulana ngo-2020 esathi uMthetho wokhetho wango-1998 awuhambisani nomthethosisekelo.

Umthetho osuphelelwe isikhathi wawuthi umuntu kumele abe ilungu leqembu lezepolitiki ukuze akhethelwe ukungena kuSishayamthetho sikaZwelonke naziShayamthetho zezifundazwe.

Akusenjalo.

URamaphosa uthe: “UMthethosivivinywa wokuchitshiyelwa kwezokhetho uphawula ingqophamlando ekuthuthukisweni kwentando yeningi yethu ngokwandisa ukuhlanganyela okhethweni nokwandisa iqoqo lobuholi obukhethwa eMkhandlwini kaZwelonke kanye nezishayamthetho zezifundazwe. Umthethosivivinywa wethula intuthuko engacebisa iphinde isimamise intando yeningi yethu ekhulayo yomthethosisekelo.

USihlalo we-IEC uMnu Mosotho Moepya wethule uhlu lwemibandela esithangamini nabezindaba ngoMsombuluko.

• Umuntu ongenele ukhetho ozimele angaqokelwa ukungenela ukhetho esifundeni esisodwa noma ngaphezulu kodwa angakhethwa kuphela esihlalweni esisodwa eMkhandlwini kaZwelonke.

• Bangaqokelwa kuphela ukuthi bamele isishayamthetho sesifundazwe esifundazweni ababhaliswe kuso.

• Kungaba kuphela ilungu lesishayamthetho sikaZwelonke noma isishayamthetho sesifundazwe.

• Kuzodingeka isimemezelo esinqunyiwe esiqinisekisa ukuthi lowo ongenele ukhetho ulethe amagama, izinombolo zomazisi kanye namasignesha abamesekayo.

• Amagama kufanele alingane no-15% wenani lamavoti adingekayo ukuze kutholwe isihlalo saleso sifunda okhethweni olwedlule uma kubangwa isifunda esisodwa kuphela.

• Kufanele lowo muntu akhokhe amadiphozithi kwa-IEC.

Kulindeleke ukuthi lokhu kwenze ukhetho olujabulisa kakhulu kusukela ngesimangaliso sango-1994 sokuba nokhetho uluhle kuleli.

Umthombo wesithombe: Isikhungo sokuvota

Umthombo wesithombe: IEC

Izihloko zakamuva