Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Ingonyama uMakhosetive wesithathu wamaSwati unikelele iSilo uMisuzulu kaZwelithini ngabapheki ngemuva kwezinsolo zetulo lokumbulala nokulawula abazomphekela.
I-Scrolla.Africa sihabule ukuthi kwenzeka lokhu nje omunye wabapheki beSilo obezinze oPhongolo okunguMnuz Katlego Msibi ubesevele ethwele kanzima kukhona abafuna ukuthi axoshwe.
Kuvela izinsolo zokuthi ugcine esethola ukuhlukumezeka kuNksz Sibongile Mdletshe oyisikhulu ehhovisi leSilo okuthiwa ubemphoqa ukuthi aphekele wonke umuntu osesigodlweni oPhongolo ekubeni eqashelwe ukuphekela iNdlulamithi.
“Ngemuva kwazo zonke lezi zixakaxaka ebesezibeka nempilo yeSilo engcupheni, Ingonyama uMswati iii uthumele abapheki abayisishiyagalolunye ukuba bazophekela iNdlulamithi. Laba bapheki ngikhuluma nawe nje bahlala esigodlweni kwaKhangela Amankengana kwaNongoma.
Abakwenzayo ukuthi bayapheka baqede bese befaka ukudla emotweni yabo eyibhasi bahambisele iNdlulamithi ukudla kwayo esigodlweni saseMashobeni,,” kuchaza umthombo.
ISilo impilo yase ibisilokhu idala ukukhathazeka eNdlunkulu nasekhaya konina eSwatini ngemuva kwezinsolo zetulo lokuba abathile befuna ukuxosha umpheki waso ukuze baqashe abazomlawula ngokudla kweSilo.
Okunye kube ukuncishiswa kwabaqaphi baso besuka kwabayi-12 esiphucwe bona uHulumeni kwasala abahlanu kuphela nezimoto ezimbili, ezibantathu nehamba iNdlulamithi okuyi-Mercedes Benz njengoba i-Range Rover yasifaka engozini yalimala kabi eFilidi.
Kuthiwa laba bapheki abayihleki into engahlekisi njengoba bebesembuthweni wezokuVikela eSwatini, besebenzela wona.