Umsunguli we-Galaxy Boy uthi i-black tax iyawabulala amabhizinisi amancane

Lubhalwe nguNkhensani Mthombeni

Umsunguli we-Galaxy Boy, uThabiso Dube, uthi osomabhizinisi abasebasha kumele babeke imingcele eqinile emindenini yabo ukuze bavikele imali yamabhizinisi.

I-Bathu Corporate Social Investment series ifundisa osomabhizinisi abasazofika ezweni lonke ngokuphumelela kanye nokunqoba izinselele.

Umsunguli wezimpahla zokugqoka i-Galaxy Boy, uThatiso Dube, uthi i-black tax ibhidliza osomabhizinisi abasafufusa abafuna ukwakha imikhiqizo yabo.

UDube ukholelwa ukuthi osomabhizinisi kumele baqinise emindenini yabo uma kukhulunywa ngemali. Uthi ukusebenzisa inzuzo yebhizinisi ukuxhasa izihlobo eziswele kuzobulala noma iyiphi inkampani.

“Uma umkhwekazi enendlu engahlali emgwaqeni futhi eyithola indlela yokuthola ukudla ungakwazi ukunqaba,” kusho uDube.

“Awukwazi ukwakha umkhiqizo kusukela ekuqaleni futhi uphile kuyilapho uthatha imali okufanele ibe eyebhizinisi wabelane ngayo nomndeni.”

I-black tax isho ukwesekwa ngokwezimali ochwepheshe abamnyama kanye nosomabhizinisi abavame ukukunikeza imindeni yabo. Isiko labamnyama likwenze cishe kwaphoqeleka ukuthi izingane zibuyisele imali kubazali nezingane uma seziqalile ukusebenza.

UDube ubekhuluma kwi-walking your journey series ebihlelwe umsunguli weBathu uTheo Baloyi e-Fusion Boutique Hotel ePolokwane ngoLwesithathu.

Ubephendula usomabhizinisi osemncane oshadile obebuza ukuthi angakwazi kanjani ukwakha i-brand yakhe ngesikhathi ebhekene ne-black tax. Ithimba belihlanganisa uDube, uBaloyi noDJ Zinhle.

“Kumele nizibekele imingcele ngemali yebhizinisi, ngoba uma ningakwenzi lokho nizosheshe niphelelwe imali,” kuxwayisa uDube.

UBaloyi uvumile ukuthi kunesidingo sokuthi kube nengxoxo kazwelonke mayelana ne-black tax.

Lo mcimbi uyingxenye yohlelo lwe-Bathu Corporate Social Investment. Bahamba ezweni lonke befundisa osomabhizinisi abancane ngohambo lwamabhizinisi futhi baphendule imibuzo yabo.

UDJ Zinhle wabelane ngamava akhe emculweni nasebhizinisini. Ugqugquzele abantu ukuthi bangalibazisi ukuqala amabhizinisi ngoba bezibona bengakulungele.

“Sonke asiyazi into esiyenzayo, sisuke siyicabangela nje endleleni. Ungayeki ukuqala into ngoba uzibona ungenaso isiqiniseko sento oyenzayo,” kusho yena.

Lolu chungechunge luqale eGoli eMarket Theatre ngesonto eledlule. Umcimbi olandelayo uzoba seThekwini ngesonto elizayo.

Osesithombeni esingenhla: UThatiso Dube, umsunguli we-Galaxy Boy. uMC Tshego Kole, uThatiso Dube, uDJ Zinhle noTheo Baloyi exoxa nezihambeli.

Umthombo wesithombe: UNkhensani Mthombeni

Izihloko zakamuva