Umsubathi wephule irekhodi lomhlaba kabili

Dylan Bettencourt

Umsubathi wase-Nigeria uTobi Amusan wephule irekhodi lomhlaba hhayi kanye, kodwa kabili ngesikhathi ewinela i-Nigeria indondo yegolide yokuqala kwi-World Athletics Championships.

U-Amusan uqale lo mjaho ngeSonto ekuseni e-Oregon, e-United States azi ukuthi nguyena obambe irekhodi lomhlaba emjahweni we-100m hurdles.

Kodwa lokho bekunganele kulo msubathi (25) ophinde wephula irekhodi, weqa umugqa ngesikhathi esingu-12.06 eshaya irekhodi elaqoshwa ngo-2016 nguKeni Harrison oweqa umugqa ngesikhathi esingu-12.20.

Isikhathi sakhe sokuwina emqhudelwaneni wesibili ngeke sibonwe njengerekhodi lomhlaba, ngenxa yomoya onamandla wamamitha angu-2.5 ngomzuzwana.

Usaphethe irekhodi lomhlaba ngemuva kokwephula irekhodi kuma-semi-final ngesikhathi esingu-12.12.

Naphezu kwerekhodi, u-Amusan uqophe umlando ngokuwinela i-Nigeria indondo yegolide yokuqala kulo mncintiswano.

“Uma ngikhuluma iqiniso, ngiyakholelwa kwithalente lami kodwa bengingalindele ukuthola irekhodi lomhlaba kule miqhudelwano,” kusho u-Amusan ngemuva kokuwina kwakhe kowamanqamu.

“Iphupho kuhlezi kuwukwenza kahle nokuwina. Ngakho irekhodi lomhlaba liyibhonasi. Bengazi ukuthi ngingakwenza lokhu kodwa angikholwanga ngesikhathi ngikubona esikrinini ngemuva kwama-semi final,” esho.

“Ngaphambi komjaho wamanqamu, ngizame ngakho konke ukwehlisa umoya nokwenza konke okusemandleni ami. Ngidonse umoya ngazi ukuthi nginephupho okufanele ngilifeze futhi kusebenzeke kahle kakhulu. Bengazi ukuthi ngigijime ngesivinini esiphezulu kakhulu kodwa hhayi ngale ndlela.”

Umthombo wesithombe: @WorldAthletics

Izihloko zakamuva