Umsubathi we-fun walk uzimisele ngokwenza kahle 

Lubhalwe nguThathe Msimango

Ngemuva kokujabulela ukwenza kahle emgwaqeni nyakenye uTumisang Pule ongumhambi ovelele kuleli uhlose ukukuphinda lokhu ngo-2023.

Okunye okubalwa empumelelweni yakhe yanyakenye uPule wathola ithuba elihle lokumela elakuleli emqhudelwaneni we-World Athletics Walking Championships owawuse-Muscat, e-Oman.

“Ngicabanga ukuthi nyakenye ngaba nonyaka omuhle. Ukuthola ithuba lokumela izwe esigabeni somhlaba kungaphezu kwempumelelo,” etshela i-Scrolla.Africa.

Nakuba engumpetha ku-20 km uPule uzovula isizini yakhe ebangeni angakaze aqhudelane kulo lika-35 km kuma-South African Championships ngomhlaka-28 kuMasingana eKapa. Isinqumo sakhe sagqugquzelwa kakhulu umqeqeshi wakhe uSandor Racz.

“Umqeqeshi wami uhlezi egcizelela ukuthi nginekhono lokwenza kahle emabangeni amakhulu. Uyena othe angizame ngibone ukuthi yini engisebenzelayo. Anginazo izifiso ezinkulu kodwa noma nini uma ngiqhudelana ngihlezi ngezimisela ukuze leyo ndlela ishintshe.”

Lesi sihlabani (25) esazalelwa futhi sakhulela e-Krugersdorp saqala  kudala ukugijima kodwa sagqugquzelwa uLebogang Shange ophethe irekhodi lokuhamba lomjaho we-SA 20 km ukuthi sishintshele emqhudelwaneni wokuhamba.

“Kwakuthi uma ngiziqeqesha emzileni uShange wayehamba ngokukhululeka. Kwathi ngelinye ilanga ngazitshela ukuthi ngizozama. Kusukela lapho angibange ngisabheka emuva.”

UPule unezifiso ezinkulu okuhlanganisa nokwaziwa kabanzi ezweni.

“Inhloso yami enkulu ukuthola imiqhudelwano eminingi yaphesheya ukuze ngithuthukise izikhathi zami. Ngaphezu kwalokho muningi kakhulu umqhudelwano e-Europe. Lokho kuzoholela ekutheni ukuqhudelana ngokuhamba kwesikhathi kuhlonishwe ezweni lethu.”

Esithombeni esingenhla: UTumisang Pule

Umthombo wesithombe: Getty Images

Izihloko zakamuva