Umsubathi we-Comrades Marathon ubuyisela emphakathini

Lubhalwe nguThathe Msimango

Owine inqwaba yezindondo zegolide kwi-Comrades Marathon uProdigal Khumalo usaqhubeka nokubuyisela emphakathini ngokunikela ngamateku okugijima kubasubathi abanhlwempu.

UKhumalo ongumqeqeshi odumile nongumnikazi wesikhungo sokuthuthukisa ezokusubatha i-ORCAS eNanda ngaphandle kweTheku, uqoqe amateku ngesikhathi eziqeqesha ngoZibandlela.

Uthembele kubaxhasi ukuthi basize abasubathi abafuna ukuqala isizini entsha.

Angaphezulu kuka-1,200 amateku okugijima eseziphume kulolu hlelo aluqale ngo-2015.

“Njalo ngoMasingana sihambisa amateku kubasubathi abangenawo amandla okuwathenga, amanye  asuke emasha amanye asuke evela kubasubathi abehlukene futhi sihlose ukusiza ikakhulukazi abasubathi basemalokishini nabasemaphandleni,” kusho uKhumalo oqeqesha uNkosikhona Mhlakwana owine indondo yegolide ku-Comrades Marathon.

“Unyaka nonyaka sinikeza abasubathi  amateku. Ekugcineni akumele sikhohlwe ukuthi ezemidlalo zingabumba umuntu abe ngcono empilweni.”

UKhumalo oneminyaka engu-40 ubudala ophuma e-Zimbabwe useneminyaka engu-20 ephumelela kakhulu kwezokusubatha.

Utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ugqugquzelwe umlando wakhe ukuthi aqale lolu hlelo.

“Ngesikhathi ngiqala ukugijima, ngangigijima ngingagqokanga amateku. Kodwa lokho akuzange kungivimbe ekutheni ngifinyelele kwimpumelelo engangiyifisa.”

“Bengingafuni abasubathi badlule kulokhu engidlule kukho. Kwesinye isikhathi umsubathi usuke enekhono, kodwa angabi namateku. Ngakho ngizimisele ngokuvala igebe ukuze abasubathi bazizwe belingana uma behlangene nabantu abahlukahlukene.”

Ngaphandle kokusebenzisa ukuqeqeshwa kwakhe ukuqoqa amateku, uKhumalo uthe ozakwethu abahlukene bayasiza ukuze baqoqe amateku.

“I-Riverside Harries iyiqembu eliqoqayo egameni lethu futhi lithumela kithi njalo ngoZibandlela. Siphinde sisebenzise i-Durban Runner okuyisitolo samateku abasubathi ukuze abantu bashiye khona amateku.”

Esikhathini esedlule lolu hlelo belusekelwa i-Hollywoodbets no-Mr Price Sport.

UKhumalo unezifiso ezinkulu ngalo mkhankaso futhi unethemba lokuthi uzosebenzisana nemijaho emikhulu ukuqoqa amateku okugijima abasubathi abawadingayo.

Izihloko zakamuva